Izindaba

Wenze ezibukwayo u-matric wokuqala wase-Anton Lembede

Nkosikhona Cele|Published

OTHISHA base-Anton Lembede abazishaya isifuba ngokwenza kahle kuka-matric wakhona wokuqala

Image: NKOSIKHONA CELE

SIZISHAYA isifuba ngokuvelela kuka-matric waso wokuqala ngqa isikole, i-Anton Lambede Mathematics, Science and Technology Academy School of Innovation and Leadership esiseLa Mercy. Lesi sikole u-matric waso wokuqala ugile izimanga njengoba uhlomule ngo-100% kuphasa bonke abafundi baso. 

Asigcinanga lapho ngoba sithole inqwaba yamaBachelor okuyinto uthishanhloko waso, uMnuz Dumisani Sibaya, azishaya isifuba ngayo kakhulu.

Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto ngokuphumelela kwesikole, uSibaya uncome kakhulu ukuzikhandla kwabo bonke othisha bakulesi sikole. USibaya uthe isikole sigxila kakhulu kwiMathematics nakwiScience. Uthe bazishaya isifuba ngendlela abafundi babo abenze ngayo.

Uthe bayazigqaja ngokuthi bagcine behlomula ngo-A abangu-474 sebebonke. ''Lokhu kukuvezela ngokusobala ukuthi sisebenze kahle kangakanani. Sijabule kakhulu ngendlela esenze ngayo," kuchaza yena. Uthe okunye okubahlaba umxhwele wukuthi zonke izifundo abafundi bebeziphasa kusuka ku-80% kuya phezulu. ''Lokhu kukuveza ngokusobala ukuthi bebezimisele kangakanani. Indlela abebesebenza ngayo ibikuveza ukuthi bazinikele kangakanani,''usho kanjena.

Uthe kukhona ngisho abafundi abagcine behlomula ngo-A abangu-10 okuyinto athe ayijwayelekile. ''Kunabafundi abakhetha ukwenza izifundo ezingu-10 sabavumela ukuba bakwenze lokho. Sijabule ukuthi phezu komthwalo ongaka abebebhekene nawo kodwa benze kahle kakhulu," 'kuchaza yena. Uthe kuningi okudale ukuthi bagcine bethola imiphumela emihle kangaka, okunye kwakho uthe kubandakanya ukuthi abafundi ababathathayo yilabo abasuke bezolala khona esikoleni.

''Kulesi sikole sinabafundi abahlala ngaphakathi esikoleni ngokugcwele. Lokhu kusilekelele kakhulu ngoba othisha bebebafundisa noma yinini,'' usho kanjena. Uveze ukuthi bathatha nesinqumo sokuthi babe nabafundi abaningi abenza i-Information Technology (IT).

Uthe nakusona lesi sifundo abafundi babo benze kahle kakhulu okuyinto athe bayithandile kakhulu. Imfihlo yabo uthe wukuthi abafundi abasuka nabo kwaGrade 8 yibona kanye labo ebebefunda uGrade 12 ngonyaka odlule.

''Bonke abafundi abangu-109 esiqale nabo kwaGrade 8 yibona laba abenze kahle kakhulu. Siyaziqhenya ngokuthi akekho noyedwa phakathi kwabo ogcine esesala endleleni kodwa bonke babekezela kwaze kwafika lesi sikhathi,'' kuchaza uSibaya.

Othisha bakulesi sikole bancome abafundi ngendlela abebezinikele ngayo bathi yikhona kanye okuvele kwenza ukuthi izinto ziibe lula nje. USibaya uthe kulesi sikole banothisha abangakhulile kangako ngokweminyaka, lokhu uthe ukholwa wukuthi kuyabasebenzela kakhulu. Isikole savulwa ngokusemthethweni ngoFebhuwari 15, 2021 sivulwa owayenguNdunankulu waKwaZulu- Natal ngaleso sikhathi, uMnuz Sihle Zikalala.