UVUSI "Cat" Matlala
Image: OUPA MOKOENA/ INDEPENDENT NEWSPAPERS
DUMISANI Khumalo
Image: PHANDO JIKELO / RSA PARLIAMENT
OYINHLOKO yeCrime Intelligence, uLt-Gen Dumisani Khumalo, utshele iPhalamende ukuthi usomathenda uVusimuzi "Cat" Matlala, waqamba amanga efungile ngokuba nobuzwe baseSwatini, ethi kunobufakazi obuqinisekisa ukuthi uMatlala unabo futhi wabusebenzisa.
UKhumalo utshele ikomiti lasePhalamende eliphenya ngenkohlakalo nokugxambukela kwezobulingiswa kuleli. UKhumalo ukuchithile ukuthi uMatlala wayenomazisi waseSwatini nowawumbiza ngoDlamini.
UMatlala wathi kwaqanjwa amanga futhi lokho kwafakwa ocingweni lwakhe ngabaphenyi. NgoNovemba, uMatlala wakuphika ukuthi unobuzwe obubili futhi waphika walala ngomhlane ukuthi usebenzisa isibongo sakwaDlamini.
Wasola amaphoyisa ngokugebenga ifoni yakhe. UKhumalo uthe kwakungamanga wonke lawo. Ngokusho kwabeCrime Intellegence uphenyo lwabo olwaveza inkulumo kaWhatsApp eyayiphakathi kukaMatlala nomkakhe.
UMatlala wayecela umkakhe ukuba amthumelele i-ID yakhe yaseSwatini, Umkakhe wabe esemthumelela umazisi. UKhumalo uthe le nkulumo kaMatlala nomkakhe yenza kuhlale obala ukuthi akunamaphoyisa aganga ngefoni kaMatlala.