Isitifiketi sika-matric
Image: Sigciniwe
BAKHALA ngothishanhloko abamsola ngokuba nenhliziyo eyitshe abazali babafundi baka-matric abakweleta imali yesikole eHillgrove Secondary, eNewlands West, bebanjelwa izitatimende zemiphumela.
Laba bazali bathi izingane zabo ebezeqiwe yinjabulo ngoLwesibili ngenxa yokuphasa u-matric, zibuye esikoleni zidangele, zingazitholanga izitatimende zemiphumela yazo.
Bathi zithe uthishanhloko uzitshele ukuthi ngeke zizinuke izitatimende, zingayikhokhile imali yesikole eziyikweletayo.
Omunye wabazali, uNksz Nozipho Hlongwa, uthe ujanyelwe yingqondo njengoba ebuka ikusasa lendodakazi yakhe u-Olwami Hlongwane lilimala ngenxa yale nkinga.
“Ngiyazi ukuthi nginecala lokuthi ngikweleta imali yesikole kodwa ngiphatheka kabi uma ingane yami ingeke isakwazi ukuphuthumisa imiphumela yayo enyuvesi ukuze ithathwe ngenxa yokuthi mina angikwazanga ukukhokha imali yesikole,” kusho uNksz Hlongwa.
Uthe okubuhlungu ukuthi ngoSepthemba nyakenye uthishanhloko uthathe uhla lwabazali abangakhokhile, waluyisa enkampanini eqoqa izikweletu ukuze imbaselele imali yesikole abangayikhokhile.
“Nsuku zonke abale nkampani bayasifonela bafuna imali yesikole. Uthishanhloko wasitshela ukuthi ngalokhu amagama ethu azofakwa ohlwini lwabantu abahlulekayo ukukhokha izikweletu. Manje kubuhlungu ukuthi amagama ethu asehanjiswe lapho kodwa futhi ngapha, ubamba izitatimende zezingane zethu,” usho kanje.
Uthe nakuba uthishanhloko ebehlale ebathumelela imiyalezo engapheli yokuthi imali yesikole iyafuneka, kodwa ubengazange wabaxwayisa ukuthi ukungakhokhi kwabo kuzoholela ekutheni izingane zabo zibanjelwe izitatimende.
“Ngisho ngoMsombuluko, kuthunyelwa umyalezo wokuthi azivuke ngoLwesibili ziyolanda izitatimende izingane, akayiphathanga eyokuthi ezikweleta imali yesikole zizobuya zilambatha,” usho kanje.
Uthe bafisa kudedelwe izitatimende zezingane zabo, ukuze zizoqhubeka nezinhlelo zokofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, ngesikhathi kutholwa enye indlela okungabhekwana nayo ngabo bengabazali abakweletayo.
Echaza ngesakhe isikweletu uthe sisuka ku-2022, indodakazi yakhe ifunda uGrade 9. Uthe besilokhu sinezeleka isikweletu, ingane yakhe ifunda kabuhlungu.
“Ayilitholanga iriphothi lakwaGrade 9. KwaGrade 10 yaya ngoba uthisha wakwaGrade 9 wayitshela ukuthi iphasile. Ibilokhu iqhubeka kanjalo, yaze yafika kwaGrade 12,” kusho uNksz Hlongwa.
Uthe singu-R8 000 sesiphelele isikweletu sakhe, wathi akazi uzosikhokha ngani njengoba alahlekelwa umsebenzi ngo-2020 ngesikhathi kugadla iCovid 19 kuleli.
“Ngo-2021 ngakwazi ukuzama, ngasihlanganisa kodwa ngo-2022, kwanqaba isimo. Ngaze ngathutha eNewlands ngayohlala eLindelani ngenxa yoshintsho olwaluze neCovid 19,” usho kanje.
Isolezwe liphinde laxhumana ngomunye umzali ocele ukungadalilwa, othe okwehlele laba bazali, kwamehlela naye ngo-2022, ingane yakhe iqede u-matric.
“Wala waphetha nezitatimende zezingane nangalowo nyaka. Ngendlela okwakubuhlungu ngayo ngavele ngasidinda isililo esikoleni. Ngaze ngadatshukelwa omunye uthisha osewashona, wathi uzongintshontshela isitatimende sengane yami, asifothokhophe, anginike ikhophi,” kusho umzali.
Uthe nakuba yenza unyaka wesine ingane yakhe enyuvesi kulo nyaka, ubonga lowo thisha, owaba nesihe embona ekhala, wamenzela ikhophi, ingane yakhe eyakwazi ukuqhubeka nezinhlelo zokubhalisa enyuvesi isebenzisa yona.
Isolezwe lizamile ukufonela isikole esithintekayo kodwa lathola ukuthi ucingo lwaso seluvaliwe.
UMnuz Mlungisi Mtshali woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe usazolubheka udaba bese eyaphendula.
Related Topics: