Izindaba

I-PKTT yayisusa ngokuthinta izidleke 'ezingathintwa'

Zimbili Vilakazi|Published

Inhloko yeCrime Intelligence uLieutenant General Dumisani Khumalo

Image: Phando Jikelo / RSA Parliament

OYINHLOKO yeCrime Intelligence, uLieutenant General Dumisani Khumalo, udalule ukuthi izinkinga zeKwaZulu-Natal Political Task Team (PKTT) zaqala ngesikhathi ibopha uMnuz Katiso Molefe, ngoDisemba 6, 2024.

UKhumalo usho lokhu izolo, ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe ngaphambi kweKomiti lePhalamende eliphenya ngezinsolo zenkohlakalo emaphoyiseni. 

Uthe umbhidlango wokubopha uMolefe wawungelula, wathi kodwa ukucelwa kwabo ukuthi bafake isandla, kwaba yisinqumo esibalulekile.

“Ukube asisondelanga eduze, ngiyakuqinisekisa ukuthi uKatiso Molefe ngabe akaboshiwe kuze kube inamhlanje,” kusho uKhumalo. 

Uthe babona ukuthi izinsiza kumbe amaphoyisa asendaweni (local resources) ayengeke akwazi ukubhekana nale ngcindezi ebhekene nePKTT, wathi bambopha ngempumelelo uMolefe yize babephazanyiswa izinhlaka ezehlukene zamaphoyisa.

“Saba nesiqiniseko sokuthi amaphoyisa asezikhundleni eziphezulu asebenzisana nabasolwa, njengoba sase sigculisekile ngokuthi kukhona ukugxambukela kwawo embhidlangweni osemthethweni,” usho kanje.

Uveze nokuthi ngesikhathi bembopha uMolefe kukhona umshayeli owaqhamuka maqede wababuza ukuthi bayazi yini ukuthi njengoba bembopha oMolefe, uwumngani nongqongqoshe? 

Uthe esigamekweni esenzeka ngezintambama ngosuku olufanayo, ngesikhathi sebesemzini kaCat Matlala, naye wakhala ngokuthi bayambambezela ngoba ubehlele umhlangano nongqongqoshe.

Uthe umuzi kaMatlala bawusesha ngaphandle kwencwadi egunyaza lokho, ngoba sebethole ulwazi olubucayi lokuthi kunobufakazi obusengcupheni yokunyamalala uma benganyakazi ngokushesha. 

“Lolo lwazi lwalumayelana nokuthunjwa kukaJerry Boshoga. Ithimba laliphenya lelo cala,” kusho uKhumalo.

Uthe ingaleso sikhathi okwatholakala ngaso ukuthi uMatlala akayigcinile imigomo ehambelana nokuphathwa kwezibhamu nokuyilapho okwathathwa khona izibhamu zakhe namaselula.