Isibhamu
Image: SAPS
ITHI bebesendaweni engafanele ngesikhathi esingafanele, imindeni yabathathu okuthiwa badutshulwe bafa ngabantu abangaziwa oHlange, eNanda, ngoMgqibelo.
Kulesi sigameko esenzeke esitolo sendawo, kushone ngesihluku uMnuz Sanele "Tonqo" Shezi (28), Mnuz Malibongwe Jele noMnuz Kwanele Nzuza (20).
Kuthiwa badutshulwe amadoda amane, okuthiwa abonakale ethushuka esikhaleni, adedela inhlamvu, ase ebaleka engena emotweni ebiwalinde ebangeni elifishane.
Isihlobo soyedwa wababulewe - esicele ukungadalulwa - sithe bezwe ngandlebenye ukuthi umuntu obefunwa ngowesilisa wendawo oshayela izimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile, ophume ngembobo yenaliti ngenkathi kudutshulwa.
“Yena udubuleke engalweni nasonyaweni kodwa wakwazi ukubaleka ephila. Kuthiwa wuye obefunwa ngabahlaseli,” kusho isihlobo.
Sithe bezwe kuthiwa ngale ngokushayela lezi zimoto, lona wesilisa ubebuye azibandakanye ebugebengwini.
“Sikholelwa ukuthi bekufunwa yena kahle hle njengoba kusabalale lawo mahlebezi endaweni kanti naye wavele wanyamalala emva kwesigameko,” usho kanje.
Isihlobo sikaShezi - naso esicele ukungadalulwa - sithe ubephume ekhaya ethunywe unina ukuthi ayomshintshela imali esitolo.
“Ufike walibala njengoba efice uMalibongwe, awumngani naye. Kube yishwa ukuthi ngesikhathi sebethi bayahamba, kuvele kwaqhamuka amadoda amane angaziwa, adubula ebhekise kubo,” kusho isihlobo.
Sikhale ngokuthi indawo yasoHlange nayo, njengezinye izindawo eziseNanda, yenganywe izehlakalo zobugebengu obuhlasimulisa igazi.
Sithe bayafisa ukuthi babanjwe abenzi bobubi ukuze bezothola ubulungiswa ngokubulawa kwabafi.
Kwenzeka lesi sigameko nje, amaphoyisa asanda kuqotha abasolwa abayisihlanu KwaBester, ngesikhathi kuba khona ukudubulana phakathi kwawo nabo. Emva kokuduma kwezulu lezandla, amaphoyisa athi uma esesesha indawo yesigameko, athola izibhamu ezine ezingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseNanda avule amacala okubulala amathathu nelilodwa lokuzama ukubulala.
Related Topics: