Izitshudeni
Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers (Archives)
UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, usenxuse abangazitholi izikhala zokufunda emanyuvesi ukuthi babheke kwezinye izikhungo kunokuthi bamane balahle ithemba badube nokufunda.
UManamela ubagqugquzele ukuthi babheke nasemakolishi amakhono amaTVET nama-Community Education and Training Colleges, kuma-bridging course kanjalo nakuma-learnerships.
"Ngeke zanele izikhala zokufunda emanyuvesi ngenxa yokuthi baningi abaphase u-matric. Yingakho sithi abangathathwanga abangalilahli ithemba kodwa babheke nakwezinye izinhlelo," usho kanje.
Usho lokhu nje, ngesikhathi kuhleli iPhalamende ngoLwesibili ebusuku, ilungu le-EFF uMnuz Sihle Lonzi, libuze uManamela ukuthi izikhungo zizokwazi ukwamukela bonke abafuna izikhala.
"Bebebhiyoza abaqede u-matric bejabulela ukuphasa bethi bayoqhuba izifundo zabo. Kungaba yihlazo ukuthi bagcine bonke bengasathathwa ezikhungweni zemfundo ngoba lokho kuyosho ukuthi bekuyizeleze ukujabula kwabo. Ngabe bazokwamukelwa bonke yini abaphase u-matric njengoba ababalelwa ku-130 000 bengeke babe nendawo yokufunda?"
UManamela uthe noma bethanda ukubamukela bonke kodwa ngeke kwenzeke.
Unxuse labo abafuna usizo ukuthi basebenzise uhlaka loMnyango, i-Central Application Service (CAS).
Uveze ukuthi eminyakeni edlule bebesebenzisa i-Central Applications Clearing House (CACH), kulabo abebesuke bengazitholanga izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.
"Kusuka kulo nyaka ngeke sisayisebenzisa i-CACH ngoba uMnyango usune-CAS ezoba nazo zonke izikhungo ezisanezikhala nemikhakha engagcwele ezikhungweni. Asifuni abafundi bagcine sebeya ezikhungweni ezingombombayi ngoba bazolahlekelwa yimali."
Uveze nokuthi kunemifundaze ehlinzekwa ama-SETA engu-15 000 kulabo abangalutholanga uxhaso esikhwameni i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Ubuye wahlaba ikhwelo kubazali nakubafundi ukuthi bathembe ulwazi oluvela ezinhlakeni ezingungqo, ukuze bangaqolwa osomathuba.
"Abalinde izimpendulo ababheke ama-emails, imiqhafazo kanjalo nemininingwane evela ezikhungweni zabo. Ngaso sonke isikhathi abagcine i-reference number," usho kanje.
Babalelwa ku-927 000 ababhale u-matric nyakenye, kwaphasa abangu-760 000. Abangu-345 000 kulaba, baphase ngama-Bachelor. Izikhungo zemfundo ephakeme zizokwazi ukwamukela ababalelwa ku-230 000 kulo nyaka abazokwenza unyaka wokuqala.
UManamela uthe abafundi abalinde imiyalezo ezosho ukuthi bathathiwe ngaphambi kokuya ezikhungweni.
"Ningayi ezikhungweni niyofuna izikhala ningayitholanga imiyalezo eshoyo ukuthi nithathiwe. Kanjalo nalabo abafake izicelo zendawo yokuhlala, bangayi uma bengakasitholi isiqinisekiso sokuthi bathathiwe ngoba bangazibona sebelala endle," usho kanje.
Uthe izikhungo azibamukeli abazozifikela mathupha bezofuna izikhala.
Abafuna usizo kwi-CAS bangaya kuWhatsApp Chat enombolweni ethi: 081 308 4196. Abafuna ulwazi ngezikhungo ezibhalisiwe bangaya ku:www.dhet.gov.za.
Abafuna ukululekwa ngosizo ngoba benokhwantalala ngalesi sikhathi sokubhalisa ezikhungweni bangashayela inombolo esebenza ubusuku nemini iHigher Health Helpline ku: 0800 36 36 36.
Related Topics: