Izindaba

Sitholakele isidumbu sowesifazane omuke nomfula eMsholozi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Isidumbu sowesifazane omuke namanzi endaweni yaseMsholozi

Image: SAPS

Amaphoyisa ayaphenya ngowesifazane oshone ngemuva kokumuka namanzi ngasemfuleni iWhite River endaweni yaseMsholozi, eMpumalanga.

Ngokwemibiko, lesi sigameko senzeke ngezithuba zabo-21:00 ngesikhathi iqulu labantu lizama ukuwela umfudlana ngoLwesithathu mhla ka-14 kwephezulu. Abazibonele babikele amaphoyisa ukuthi umufi, u-Esther Amina Mathenjwa (44), ube ngowokuqala ukuwela ngesikhathi ethathwa wumoya onamandla. Eminye imininingwane iveze ukuthi umufi ubengumdayisi esikoleni sendawo eMsholozi. Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ubephethe ibhakede lamagwinya awadayisa esikoleni.

Kuthiwa ngesikhathi ewela umfudlana ibhakede lakhe limuke namanzi, ubezama ukulikhipha ngesikhathi emuka. Amalungu omphakathi ahlale ubusuku bonke ezama ukumthungatha, nokho, abaphumelelanga.

NgoLwesine, ithimba lamaphoyisa angabatshuzi, lihlangene namalungu omphakathi, lathola isidumbu sikamufi cishe amakhilomitha amahlanu kusuka lapho amuke khona.