Isikhulu se-Crime Intelligence uDumisani Khumalo sizovela phambi kwekomidi lePhalamende
Image: Independent Media
ULieutenant General Dumisani Khumalo kulindeleke ukuthi ethule ubufakazi namuhla phambi kwekomidi lePhalamende eliphenya ngezinsolo zokungena ngobugebengu, inkohlakalo kanye nokugxambukela kwezombusazwe ohlelweni lwezobulungiswa.
Ukuvela kwakhe kulandela ubufakazi obushaqisayo bowayeyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGeneral Khomotso Phahlane, oqinisekise izinsolo zetulo lokuvimba ukuqokwa kwakhe ngokugcwele.
UPhahlane usola ukuthi umkhankaso wenkulumo-ze othinta abantu abazimele, ababeyizikhulu esiphoyiseni nezinhlaka zabezindaba ezasetshenziswa ukungcolisa igama lakhe nokuholele ekutheni amiswe emsebenzini. UPhahlane uphinde wenza izinsolo kuleli komidi ukuthi ngemuva kuka-2007, inqubo ebalulekile yokuqashwa emaphoyiseni ayisalandeli imigudu efanele yeKhabhinethi.