Uhlu lwezinto zesikole ezidingekayo
Image: Facebook/Screenshot
LIYAVEVA ikomiti loMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, ngezikhalo zabazali ngezikole ezibaphoqa ukuthi bathenge i-stationery bakhokhe nemali yesikole ekubeni kufundwa mahhala.
Ikomiti lithe kwezinye izikole izigungu zezikole zigunyaza ukubanjwa kwemiphumela yabafundi ngoba bengakhokhile.
USihlalo wekomiti uNksz Joy Maimela, uthe bathole inqwaba yezikhalo ngezikole ezenza okuphambene nomthetho ekubeni kufundwa mahhala kuzona.
"Izikole okufundwa mahhala okungakhokhwa kuzona imali yesikole, ziqale umkhuba omusha wokufuna i-stationery kubazali. Ezinye zifuna nemali ezithi eyomnikelo, okuphoqwa abazali ukuthi bayikhokhe ekubeni kufundwa mahhala. Lokhu kuthunaza ilungelo lengane," usho kanje izolo ekhuluma nabezindaba njengoba kuvulwe izikole kuleli sonto.
Uthe uma kuthiwa abazali abakhiphe umnikelo kumele ungabi yimpoqo kodwa usuke enhliziyweni.
"Abafundi akumele bapanishwe ngokuthi abazali babo bahluleke wukukhokha umnikelo. Isimo semali kubazali asifani, ngakho akumele baphoqwe. Lezi ngezinye izinto esizozifaka uma sesihlangene nomnyango," usho kanje.
Usho lokhu nje ezikoleni eziningi abafundi baphoqwa ukuthi balethe iphepha lokwenza amakhophi, elisetshenziswa yizikole umnyango olihambisayo ezikoleni. Abanye baletha ama-toilet paper, kuthiwe abakhokhe imali ukuze babhalise baphinde bathole i-stationery.
UNksz Maimela uthe bayayilwa nendaba yokungafakwa ngesikhathi kwemali yezikole, eyaziwa ngama-norms and standards.
"Ziningi izikhalo mayelana nemali yezikole engafakwa ngesikhathi ezikoleni. Abanye bakhala ngokuthi ifakwa izikhawu, abanye bathi kanye, abanye bathi bagcina bengayitholi le mali. Sifuna ibuyekezwe indaba yayo, umnyango usichazele ukuthi ifakwa kanjani, noma uma kwenzenjani," usho kanje.
Ihlale iyindaba egudwini eyale mali KwaZulu-Natal, njengoba izikole nezinyunyana zothisha zihlale zikhala ngokuthi ayifakiwe. Njengoba kuvulwe izikole esifundazweni le mali ayifakiwe ukuze izikole zikwazi ukuthenga izinsiza kusebenza.
Le mali isiza ukuthenga i-stationery ezikoleni ezizithengela izincwadi, ikhokhela amanzi nogesi ezikoleni. Iphinde isize ekulungiseni izinto ezonakele ezikoleni.
Ubuye wazwakalisa ukukhathazeka ngokubambezeleka ekuhanjisweni kwe-stationery ezikoleni.
Kunezikole namanje esingakafiki i-stationery ngenxa yokuthi umnyango waphuza ukufaka i-oda nyakenye lokuthi sithengwe ngenxa yezinkinga zemali. Kunezikole ezivule ngaphandle kwalezi zinsiza kanti izincwadi azithengwangwa nhlobo ngoba imali kayikho.
Uhlabe ikhwelo lokuthi umnyango kumele uhlele izinto kusenesikhathi ukuze kuhanjiswe i-stationery, kungaphazamiseki abafundi.