U-AMAHLE Gcabashe oyindodakazi kaTshatha Ngobe
Image: Sithunyelwe
UTshatugodo ongumsakazi woKhozi FM
Image: facebook
INDODAKAZI yomsakazi woKhozi FM, uKhathide "Tshatha" Ngobe, ephase u-matric ngo-A ababili, ifakazele isisho esithi ukuhlehla kwenqama akusho ukubaleka kodwa isuke iyolanda amandla kulandela ukubuyela kuGrade 11 kade ingenzanga kahle ngokudlule.
UTshatha usakaza yedwa uhlelo iWoza Nabangani Bakho ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.
Utshele leli phephandaba ukuthi bayaziqhenya ngendodakazi yakhe u-Amahle Gcabashe, ebiza isibongo sasekhaya konina.
Uthe u-Amahle, obefunda ePhambili High, eThekwini, uthole o-A kwiLife Orientation neTourism waphasa ngeBachelor's Pass.
"Isijabulisile kakhulu ingane mfowethu," kusho uTshatha ngokukhulu ukuziqhenya.
"Empeleni ubesewuphinda ngoba akaphasanga kahle ngokwedlule. Wayeseqala phansi njengoba esesebenza kahle kangaka nje. Siyaziqhenya kakhulu ngokuzimisela kwakhe nangokungadikibali ngenkathi engaphasanga kahle, qede wayoqala phansi kuGrade 11 wayesebuya ngamandla."
Uthe usacabanga ukuthi uzomenzelani ukumjabulisa.
Omunye usaziwayo, uNonku Williams wodumo lohlelo iReal Housewives of Durban uveze ukuziqhenya kwakhe ngokuphasa kwendodakazi yakhe uNothile.
UNothile, uyindodakazi yomculi wokholo ongasekho uS'fiso Ncwane, uthole u-A ababili waphumelela ngeBachelor's Pass.
"Lonke udumo luya kuNkulunkulu. Ngaye, konke kuyenzeka. Ukweluswa Nguye kwenze lolu hambo lwaba luhle," kubhala uNonku.
Related Topics: