Elinye ithuba kwabangaphumelelanga
Image: Sigciniwe
BAZOTHOLA ithuba lokubuka amaphepha abawabhalile noma bamakelwe kabusha abangeneme ngemiphumela yabo ka-matric.
NgokoMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, abangazibonanga emaphephandabeni abaye ezikhungweni abebebhalela kuzona izivivinyo ukuze bathole izitatimende zemiphumela.
Imiphumela yabo bazokwazi nokuyithola kwi-website yoMnyango kusuka ngo-6 ekuseni namhlanje.
UNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, umemezele izinga lokuphasa lika-matric lango-2025, emcimbini obuyizolo ebusuku.
Kwabangaphumelelanga, uke wakuveza ukuthi kuzobe kungekhona ukuphela komhlaba njengoba benezinhlelo zokubasiza.
"Abanezikhalazo ngemiphumela yabo bangacela ukuthi kwenziwe uphenyo, lokhu kumele bakwenze zingakapheli izinsuku ezingu-13 kukhishwe imiphumela. Sinxusa abathole izitatimende zabo ukuthi baqikelele ukuthi amagama nenombolo kamazisi kuyikhona ukuze bafake isicelo sokuthi balungiselwe uma kube nephutha. Bangakwenza lokhu ungakashayi uFebhuwari 20, 2026," kusho uMnyango.
UMnyango uveze ukuthi ngemuva kwesitatimende, kunemininingwane enalo lonke ulwazi kulabo abafuna ukuphinde bamakelwe kabusha.
"Abafuna ukuphinde bamakelwe bafaka isicelo esikhungweni ababhalele kusona noma emahhovisi ezifunda zoMnyango. Kuvulwa namhlanje kuze kuvalwe ngoJanuwari 27, 2026. Kubiza u-R120 ukuphinde umakelwe kabusha, ukubheka iphepha olibhalile kubiza u-R30," kusho uMnyango.
UMnyango uveze ukuthi izokhishwa ngoMashi 13, 2026, imiphumela yalabo abafake izicelo zokumakelwa kabusha.
Ubalule nokuthi labo abafeyilile bangakwazi ukufaka izicelo zokuthi baphinde babhale ngoMeyi/Juni nonyaka.
"Kuvalwa ngoFebhuwari 6, 2026, ukufaka isicelo sokubhala izivivinyo zokuchibiyela. Abebengekho ngesikhathi kubhalwa izivivinyo nyakenye ngoba kwakunesifo, noma bengaphilile bangakwazi ukuphinde babhale ngoJuni. Kanjalo nalabo abafuna ukuphucula imiphumela yabo bazothola ithuba lokuphinde babhale," kubeka uMnyango.
Okunye okuvezwe nguMnyango ukuthi labo abasabanjelwe imiphumela yabo ngenxa yokuthi kuphenywa ukubandakanyeka kwabo ekukopeleni, banganikwa ithuba lokuthi baphinde uma kungukuthi seluphothuliwe lolu phenyo.
Related Topics: