Izindaba

Usathuthumela umndeni isoka libulala obedansa selijahe kuyolalwa

Nkosikhona Cele|Published

OBULEWE, uNksz Nomasonto Buthelezi

Image: SITHUNYELWE

USALE nemibuzo umndeni wowesifazane waseNgisana, Dundee, okuthiwa ubulawe yisoka lakhe kubo kwayo intombi, kuthiwa belicikwa wukuthi ubedansa into engapheli ekubeni isoka selifuna ukuba bahambe beyolala.

Isolezwe lithole ukuthi uNksz Nomasonto Buthelezi (40) udutshulwe wafa yisoka lakhe (57) elingeke lize lidalulwe lingakaveli enkantolo. 

Lesi sigameko okuthiwa sishiye umphakathi ushaqekile, senzeke ngoJanuwari 3. Lo wesifazane kade efihlwa ngoMgqibelo.

Owomndeni kamufi, uMnuz Sibusiso Buthelezi, uthe basakhungathekile kakhulu ngokwenziwe ngusbali wabo phambi kwabo.

Uthe usbali ubekade efikile ezovakasha kubo kwentombi kumnandi kudelile kushiswa nenyama, wathi kuthe sekuhwalele usbali wabe esetshela umufi ukuthi mabahambe manje bayolala ngoba sekuhlwile.  

''Umufi uphendule ngokuthi ngeke yena aze aye kolala okwamanje, usazijabulisa ngokudansa. Lo wesilisa ongowaseMtubatuba, uthulile wase eya endlini, watshela umufi ukuthi kulungile uzobona ngaye ke uma esebuya eze kuyena ekameleni,'' usho kanjena.

Ngokusho kwakhe, kudlule isikhashana nje, wabuya usbali engasadle nkobe zamuntu, wabuza umufi ukuthi kungani kanti yena engasaqedi ukudansa ukuze kuzolalwa kusanesikhathi?

Uthe ngesikhathi ebuza lokhu umsolwa ubesephethe isibhamu ngesandla, wangachitha sikhathi wamane wadubula amahlandla amathathu.

''Le nto uyenze kubo kwentombi, akanahloni futhi uyenza sonke sikhona siyabuka. Nathi usibulale siphila. Asikaze thina siyibone into enjengalena ukuthi umuntu angabulala intombi phambi kwabantu bakubo kunguyena ovakashile nokwenza?'' usho kanjena.

Eqhuba uthe abazange bapholise maseko babe sebemphuthumisa esibhedlela umufi okuyilapo okufike kwamenela khona. 

''Sivele saphelelwa ngamandla sesizwa ukuthi ufike esibhedlela washona. Namanje akuvumi ukuthi siyikholwe le nto esiyibone yenzeka kuleli gceke lakithi, into embi. Okubuhlungu ukuthi le nto yenziwe ngumuntu ebesingacabangi nje nhlobo ukuthi ngelinye ilanga angase enze into efana nalena,'' usho kanjena.

Uveze ukuthi abantu nomphakathi badinwe bagana unwabu bangabuza nyaka, bamane bamngenela ngenduku umsolwa walimala kabi.

“Kuyimanje usesibhedlela sakhona eDundee. Isimo sakhe sibi kodwa uqashwe ngamaphoyisa ukuze uma ephaphama ezoboshwa ngenxa yento embi enesihluku ayenze kubuka wonke umuntu futhi wakhombisa ukungabi nandaba nje nakancane ngalokhu,'' kusho uButhelezi.

Eqhuba uthe le nto ibahlukumezile kakhulu njengomndeni, akuvumi nokuthi bakholwe ukuthi yenzeke ngempela into enjengalena phambi kwamehlo abo.

''Asazi ngempela ukuthi le nto yenzeke kanjani. Esikwaziyo nje kunye ukuthi ibuhlungu into esiyibuke yenzeka ngomuntu wasekhaya ebulawa engenacala futhi kungekho nokubi esingakukhomba sonke sithi nakhu ngempela ukwenzile,” echaza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, usiqinisekisile lesi sigameko. 

Uthe amaphoyisa aseDundee, aphenya icala lokubulala elenzeke esigodini saseNgisana, eDundee.

''Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko atshelwe ukuthi kunabantu ababili asebephuthunyiswe esibhedlela okungumuntu wesilisa kanye nowesifazane abalimele kabi,'' kusho yena.

Uthe kuvela ukuthi kube nengxabano enkulu ebe khona phakathi kwalaba okuyiyona egcine iwumnyombo walesi simo esingesihle.

 ''Kuvela ukuthi ngesikhathi salesi sigameko kuze kwaphoqa ukuthi kugcine sekungenelela amalungu omphakathi okuholele ekutheni owesilisa agcine eselimala kabi. Kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo uma eseluleme ngokugcwele,'' usho kanjena.

Ikhansela le-IFP kule ndawo, uMnuz Xolani Msezane, lizwakalise okukhulu ukushaqeka ngalesi simo. 

Lithe badangele kakhulu ngokuzwa ngesehlakalo esifuze lesi kule ndawo. Lithe balishumayela njalo kule ndawo ivangeli lokunakekelwa kwabantu besifazane nezingane kodwa noma kunjalo kukhona amadoda anesibindi esikhulu kangaka sokubulala ngesihluku umuntu wesifazane embulalela into engekho futhi engezwakali nje nhlobo.