Izindaba

Kulele kubazali nomphakathi ukuqinisa abaphikwe wu-matric

Simangaliso Ntshangase|Published

UMELULEKI wezengqondo ozimele, uNkk Tholinhlanhla Dlamini-Ngcoya, nezeluleko kubafundi ba-matric okungabahambelanga kahle

Image: SITHUNYELWE

ABELULEKI bezengqondo sebephose inselelo kubazali nasemphakathini ukuthi bakubeke emahlombe abo ukuzwela nokuqinisa abafundi abebenza u-matric nyakenye, abazothola ukuthi akubahambelanga kahle uma sekuphuma imiphumela yabo namhlanje ekuseni.

Omunye wabeluleki bezengqondo ozimele, uNkk Tholinhlanhla Dlamini-Ngcoya, uthe lesi kuba yisikhathi esinzima kakhulu kubafundi njengoba basuke bebhekene nengcindezi yokuthatha bebeka futhi bekhathazeke ngokuthi abazi ukuthi impilo izoqhubeka kanjani.

“Ngakho abazali nomphakathi jikelele kumele bagqugquzele izingane ukuthi zilungise lapho ozokube kungahamba kahle khona, hhayi ukuthi baqale phansi bazisole ngokuthi kungani zingenzaka kahle ezifundweni ezithile ezenze ukuthi zifeyile. Okunye futhi abazali okumele bakuqaphele futhi bakwamukele wukuthi akuwona wonke umntwana ozokhula aphumelele ngemfundo ngakho kungasiza kakhulu futhi ukuthi izingane zilekelelwe ukuthi zilandele amakhono nemisebenzi yezandla ezikwazi ukuyenza,” kucebisa uNkk Dlamini-Ngcoya.

UMELULEKI wezengqondo ozimele, uNkk Noxolo Mahlaba, nezeluleko kubafundi ba-matric okungabahambelanga kahle

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe okunye okusiza kakhulu ngalesi sikhathi wukuthi abantwana balulekwe ngokomqondo ukuze basheshe basamukele isimo ababhekene naso, okuzokwenza ukuthi bakwazi ukuqhubeka nempilo yabo ngokushesha futhi balungise lapho okubhimbe khona.

UMnuz Siyabonga Ntshangase, naye ongumeluleki wezengqondo ozimele, yena uthe labo okungezukubahambela kahle kumele babuke lesi simo ngokuthi asiqali ngabo nanokuthi baqonde ukuthi ukuphoxeka kuyingxenye yempilo ukuze bengezukugqilazeka kakhulu.

“Ukusheshe uzitshele lokho kusiza ukuthi ukwamukela kungabi lukhuni kakhulu nanokuthi uma uzizwa ucindezelekile ngenxa yesimo obhekene naso, kuyasiza kakhulu ukuthi ungafeli ngaphakathi kepha ubhoboke ebantwini obathembayo noma uxhumane nabe-Sadag ngoba bona baqeqeshelwe ukusiza ezimweni ezinje,” kusho uNtshangase.

AMAPHAPHU aphezulu kwabaningi ngenxa yemiphumela ka-matric

Image: File

UNkk Noxolo Mahlaba ongumeluleki wezengqondo ozimele, yena ugcizelele kakhulu ubumqoka bokungafeli ngaphakathi, athi kusiza ukwehlisa umthwalo uma uzizwa sengathi umthwalo obhekene nawo usumkhulu futhi ungaphezu kwamandla akho.

“Lesi yisimo sesikhashana okungamele ukuthi sibe nomthelela omkhulu kakhulu empilweni yakho ngakho kungasiza ukuthi usebenzise sona ukufunda okuningi ngawe uqobo nokuthi yikuphi ongakwazanga ukukwenza kahle - bese wakhela phezu kwakho ukwenza kahle nakangcono kakhulu, kubhekwe phambili ngoba uzobe usuwazi kahle ukuthi yikuphi okumele ukwenze ngendlela ehlukile ukuqhubeka nempilo yakho,” kusho uNkk Mahlaba.

Udonse abazali nomphakathi ngendlebe ukuthi uma sekuphume imiphumela yabafundi, bengalokhu bebaxina ngemibuzo eminingi engenza ukuthi bazizwe becindezelekile kepha ababeseke kuleso naleso simo ababhekene naso.

UMELULEKI wezengqondo ozimele, uMnuz Siyabonga Ntshangase, nezeluleko kubafundi ba-matric okungabahambelanga kahle

Image: SITHUNYELWE