UDKT Kholekile Ntsobi, osanda kuphothula ucwaningo lwamasu okuphucula impilo nenhlalo kwasemalokishini
Image: SITHUNYELWE
UBHEKE ukuthi izethulo zocwaningo alwenzile ziphonsele uhulumeni inselelo yokuphuthumisa uhlelo lokuphucula ingqalasizinda yasemalokishini, ukuze abantu bakhona ikakhulukazi osomabhizinisi abasafufusa bathole ithuba lokuchuma, benze nomehluko emiphakathini.
Lowo wuDkt Kholekile Ntsobi, osanda kuphothula ucwaningo lwakhe lwezifundo zobudokotela olusihloko sithi Developing An Intervention Framework, To Accelerate Key Programs For Economic Growth In South African Townships: A Study of Hammarsdale, aluphothule eDa Vince Insitute, eGoli nyakenye.
Elandisa ngalokhu, uDkt Ntsobi odabuka eDutywa, e-Eastern Cape, kodwa osezinze eThekwini, uthe umcabango walolu cwaningo wamfikela ngo-2019 esanda kuthenga umhlaba ayefuna ukwakha kuwona elokishini iHammarsdale, entshonalanga yeTheku, lapho afike wavuleka amehlo khona ngezinselelo ezibhekene nabantu elokishini.
“Ngafika khona kwahlaluka ngokuphelele ukuthi enye yezinto ezenza abantu basemalokishini bame ndawonye empilweni wukuswela izinsizakusebenza nengqalasizinda efanele ukuze bakwazi ukwenza izinto abafuna ukuchuma ngazo empilweni, okwenza kube lula ukuthi balahle ithemba empilweni ngoba bebona kungalungi abakuzamayo.
“Enye into ebingikhathaza wukubona osomabhizinisi baselokishini bethwala kanzima bezama ukusimamisa amabhizinisi abo ngenxa yokuthi kunzima ukuthi baxhaseke noma basekwe emizamweni yabo yansuku zonke. Ngabona kukuhle ukuthi kube khona engikwenzayo ukucwaninga ngamasu angasiza kukho konke lokho,” kulanda uNtsobi.
Uthe lolu cwaningo lumthathe cishe iminyaka emihlanu ukulwenza aluphothule. Wakhuluma nabantu abangaphezu kuka-200 eqoqa ulwazi ngalo. Wayegxile kakhulu ekutholeni ukuthi ubuholi bomphakathi, izinhlaka zohulumeni nomphakathi kungabambisana kanjani ukuthuthukisa ingqalasizinda yomphakathi, nokusiza ngezinhlelo zamathuba okulekelela abantu basemalokishini ikakhulu osomabhizinisi bachume ngokuhle abakwenzayo.
“Ngithemba ukuthi lokhu kuzofaka ingcindezi ebuholini bohulumeni emazingeni ehlukene ikakhulu abasemakhaya ukuthi baphuthumise izinhlelo ezinjalo ukuze kusizakale umphakathi, futhi kuphucuzeke inhlalo nesimo sasemalokishini,” kusho yena.
Ngale kwalokho, uDkt Ntsobi uneziqu ze-Diploma in Emergency Care ne-BTech in Emergency Care kwase-University of Johannesburg, kube yi-BTech in Education Post-School yase-University of South Africa, i-Master’s in Public Administration and Governance yaseNorth West University ne-Master’s in Business Administration yaseMancosa.