UMNUZ Sipho Hlomuka
Image: Supplied
ZIZOVULWA kumapeketwane ezinye zezikole KwaZulu-Natal, ezingenaso i-stationery kanjalo nemali eqhamuka eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni, eyaziwa ngama-norms and standards.
Lokhu kwenze inyunyana yothisha iSadtu yanquma ukuya enkantolo ukuze iphoqe uMnyango wezeMfundo nokaMgcinimafa ukuthi ihlinzeke izikole ngezinsiza. Le nkinga isiyenze abanye othishanhloko ezikoleni okungakhokhwa nhlobo kuzona imali yesikole, baphula umthetho ngokuthi banxenxe abazali ukuthi bakhokhe umnikelo wemali, baphinde bathenge ne-stationery ukuze izikole zikwazi ukusebenza ngenxa yokuthi kubheda uhlelo eMnyangweni.
UNobhala weSadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe baya enkantolo ngoba bafuna kube nesinqumo esizophoqa uMnyango ukuthi ubeke phambili izikole.
Ekhuluma nothishanhloko beSadtu enkundleni iFacebook ngoMgqibelo ebusuku, uthe abafuni ukungena emgwaqweni njengoba behlale benza ngoba bawina impi yesikhashana.
"Siyazi bebesilindele ukuthi ngoba kuqala unyaka sizobhikisha njengoba sihlale senza, sikhale ngokuthi ayifakiwe imali yezikole kanjalo nokungabi khona kwezincwadi zokufunda nokunye. Kodwa manje sinqume ukuthi siqhamuke ngelinye igiya ukuze kube nesinqumo esizophoqa uMnyango ukuthi uhloniphe umyalelo wenkantolo," kusho uNksz Caluza.
Uchazele othishanhloko ukuthi emhlanganweni ababe nawo nezikhulu zoMnyango, zikuvezile ukuthi ayifakiwe imali yama-norms and standards.
Uthe uMnyango kaMgcinimafa uphuzile ukugunyaza uMnyango wezeMfundo, ukuthi uthenge i-stationery ezikoleni ezithengelwa nguMnyango.
"Kujwayele ukuthi i-stationery nezincwadi zithengwe ngoMeyi, kodwa nyakenye kuze kwathengwa ngo-Okthoba. Kwakhona kuthengwa i-stationery kuphela, azikho izincwadi ngenxa yokuthi ayikho imali. Yingakho sikule nhlekelele esibhekene nayo yokuthi i-stationery yima sisahanjiswa ezikoleni eziningi," usho kanje.
Uthe cishe zibalelwa ku-1 900 izikole ezisathole i-stationery, kwasona esingaphelele.
"Zingu-3 700 izikole ezithengelwa nguMnyango i-stationery, ezingu-1 400 azikasitholi nhlobo ngokwezibalo esizinikwe yizikhulu zoMnyango ngempelasonto. Izikhulu zoMnyango ziveze ukuthi kwezinye izikole kuyoze kushaye inyanga ezayo kusahanjiswa izincwadi. Hambani nitshele abazali ukuthi sikule nkinga nje, nguMnyango kaMgcinimafa esifundazweni, okuyiwo okushaywa kuwona indesheni ukuze uMnyango wezeMfundo ukwazi ukuthenga izinsiza," usho kanje.
Uthe ezikoleni ezizithengela izincwadi ne-stationery, ayifakiwe imali yama-norms ukuze zikwazi ukuthenga lezi zinsiza.
"Kahle kahle kunenhlekelele eKZN. Zizovulwa ngezinkinga izikole. Yekani ukwenza icala ngokuthi nithi abazali abathenge izinsiza ekubeni isikole singakhokhisi imali yokufunda," kusho uNksz Caluza.
Othishanhloko bebesina bededelana, bethi njengoba kuvulwa izikole ngoLwesithathu, abazi bazothini kubazali.
"Kumele sibe nemihlangano nabazali sinike nabafundi i-stationery. Sizobanikani njengoba singafikile? Ayikho imali yokubhusha ezikoleni, ayifakiwe. UMnyango usakweleta abanye osonkontileka abasiza bathenga izincwadi ngemali yabo ngonyaka odlule, namanje abakakhokhelwa," kusho othishanhloko.
Baveze ukuthi sebethuka izanya ngoba bajahwa omashonisa kanjalo nosonkontileka ababakweletayo.
"Sizimisele nokuya emgwaqweni uma kungukuthi uhlelo lwasenkantolo luhamba kancane. Sikhathele ukuphatha izikole ngemali yethu."
Bakhale nangokuthi uMnyango uyihlaba inhlali, awuchazeli umphakathi ngezinselelo onazo, uqhatha bona nabazali.
Njalo uma zivela emakomitini asesiShayamthetho, uMphathiswa woMnyango uMnuz Sipho Hlomuka neNhloko yoMnyango uMnuz Nathi Ngcobo, bahlale bekhala ngesimo semali ababhekene naso nokuthi i-stationery sizophuza ukufika ezikoleni ngoba siphuzwe ukuthengwa.
Isolezwe lithole nokuthi kwankampani esabalalisa lezi zincwadi, ayikhokhelwe.
Kuvela lokhu nje ngesonto eledlule, uMnyango ubuqinisekise ukuthi kuzovulwa izinsiza sezikhona ezikoleni kepha osekuhlaluka ukuthi bekungelona iqiniso.
UMNUZ Sipho Hlomuka
Image: SIGCINIWE
Related Topics: