Izindaba

Babalule ukubekezela ongqeqe abamele iKZN kuzwelonke ku-matric

Mhlengi Shangase|Published

USimesihle Khuzwayo waseKing Bhekuzulu High obemele iKZN kuzwelonke ku-matric

Image: Sithunyelwe

UKUBEKEZELA nokusebenza kanzima yikhona okusize ongqeqe abamele iKwaZulu-Natal kuzwelonke, baphasa u-matric ngamalengiso.

Labo ngqeqe bahlonishwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube izolo ebusuku emcimbini wokumemezela imiphumela ka-matric 2025, eGoli.

Bagile izimanga emikhakheni ehlukene kanti babonge ukwesekwa yimindeni yabo kanjalo nothisha ngendlela abaphase ngayo.

U-Asanda Ndlela (17) waseMasibumbane High, oLundi, uthe ukubekezela yikhona okumsebenzele kakhulu njengoba enze kahle.

Uthe udabuka eMondlo kanti waya kofunda kulesi sikole ngenxa yokuthi senza kahle kakhulu ku-matric.

"Umndeni wami ubungigqugquzela ukuthi ngenze kahle ku-matric. Ngifuna ukwenza iziqu zobunjiniyela ngoba ngibukela kubabekazi wami obengigqugquzela," usho kanje.

U-Asanda Ndlela waseMasibumbane High

Image: Sithunyelwe

Phakathi kwezifundo abezenza kukhona iTechnical Maths neScience, EGD, Mechanical Technology, isiZulu, Life Orientation nezinye.

Uthe ufuna ukwenza iziqu zeMechanical Engineering enyuvesi i-UJ.

U-Olwethu Dladla (18) waseTugela Secondary, eMandeni okwabahlonishwe nguNksz Gwarube, uthe ufuna ukusiza umphakathi aqhamuka kuwona KwaHlomendlini, uma esephothule iziqu zakhe.

U-Olwethu Dladla waseTugela Secondary eMandeni oyiphase kahle iMaths

Image: Sithunyelwe

Ubonge uyise owamgqugquzela esemncane ngokuthi athande imfundo.

"Ubaba waqala ukusigqugquzela ekhaya ngisafunda enkulisa. Wayehlale ekubeka ukubaluleka kwemfundo nokubekezela uma wenza into. Namhlanje ngiyajabula ngokwenza kahle ezifundweni zami." Uthe ufuna ukwenza iziqu ze-Actuarial Science enyuvesi yaseKapa.

"Ngithembele esikhwameni iNSFAS ngoxhaso lwemali yokufunda. Nakhona angingabazi ukuthi  ngizokwenza kahle." 

Ubenza iMaths, isiZulu, English, Life Orientation, iSayensi, Geography neLife Science.

USimesihle Khuzwayo (17) obefunda eKing Bhekuzulu High, KwaNongoma, uhambe emazwini okubekezela athe kumsize ekutheni enze kahle ku-matric.

Uthe ufuna ukwenza iziqu zobudokotela e-UCT kanti usenawo umfundaze ozomqhuba.

"Ngiwumuntu okuthandayo ukufunda. Bengisebenzisa izindlela ezehlukene ukufunda okubandakanya nokubuka ama-video kwi-YouTube. Bengisebenzisa namaphepha amadala ka-matric," usho kanje.

USIMESIHLE Khuzwayo obefunda eKing Bhekuzulu High

Image: Sithunyelwe

Unxuse abafundi ukuthi bafunde ngoba ayikho into eza kalula.

USimesihle waKwaNongoma, uthe unina noyise kanjalo nothisha bakhe yibona abebemgqugquzela ukuthi afunde.

Ezifundweni abezenza kubalwa ne-Agricultural Sciences, Maths, Economics nezinye.

Namhlanje uzohlonishwa nasemcimbini womnyango oseThekwini ngokwenza kahle ku-matric.