UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa usezwakalise ukukhathazeka ngengwadla yokusweleka kwamathuba omsebenzi ezweni
Image: ANC/ X
UMENGAMELI wezwe uMnuz Cryil Ramaphosa usezwakalise ukukhathazeka kwakhe ngesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi ezweni, adalule nokuthi siyamqwashisa - senze angakwazi nokulala ubuthongo ngenxa yokukhathazeka kwakhe ngaso.
URamaphosa usho njalo ekhuluma esithangamini nabezindaba ebesiseRusternburg, eNorth West phakathi naleli sonto, nebesiyingxenye yamalungiselelo omgumbo weminyaka ewu-114 kwasungulwa iqembu lezepolitiki aliholayo i-African National Congress (ANC).
Enkulumweni yakhe uvumile ukuthi izwe libhekene nezinselelo eziningi zansuku zonke nezidinga ukulungiswa kubalwa inkinga yokudlanga kobugebengu, ukuphangwa kombuso, nezinye izinselelo ezikhona - kepha ubeke phambili eyokusweleka kwamathuba omsebenzi ngokuthi iyona nselelo enkulu izwe elibhekene nayo okwamanje.
“Leyo yinkinga esihlukumezayo sonke ezweni neyenza ukuthi singakhululeki, kangangokuthi kwanami uqobo yenza ngingakwazi nokulala ebusuku - ngilwa namasu okuthola isixazululo sokuyinqoba,” usho kanje.
Inkulumo kaRamaphosa iza emva kwezinsukwana kusuke umsindo ngenkulumo kasihlalo we-ANC uMnuz Gwede Mantashe, osole abantu baseNingizimu Afrika ngokuba ngamavila afuna ukwenzelwa yonke into wuhulumeni.
UMantashe ukhale ngokuthi abantu bakhonze ukuhlala phansi dekle, bese belindela ukuthi uhulumeni ubenzele yonke into, ubalethele lapho bekhona.
“I-ANC ininikile udobo lokuzizamela ukudla, manje nina senifuna nokuthi inilethele iznhlanzi ezobe isinidobele zona. Mina sengineminyaka engaphezu kuka-70 manje, kodwa angikaze ngifune umsebenzi nakanye, kunalokho ngilapha engikhona manje ngenxa yokuthi uhulumeni wethu uyasebenza, inkinga nje ekhona wukuthi abantu balindele ukuthi ubafunele imisebenzi abangazixaki nakancane ngokuzifunela yona ngokwabo,” kusho uMantashe.
UMengameli uthe inkinga yendlala yamathuba omsebenzi idinga ukuthi kuthathwe izinyathelo ngokushesha, futhi kubanjiswane nezinhlaka zohulumeni ezahlukene ukuyinqoba.
“Kade ngikhuluma nanoNgqongqoshe woMnyango wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, ngamtshela ukuthi sidinga ukufaka imali eningi ekutheni kwakhiwe amathuba emisebenzi azosiza abantu abasha ezweni lethu, nokuthi ekwenzeni kwethu lokhu kumele sibambisane nezinhlaka ezizimele ukuze kufezeke kahle,” kusho uRamaphosa.
Ugcizelele ukuthi likhulu iqhaza okumele libanjwe yizinkampani nezinhlaka ezizimele, njengoba kuyizona ezilawula u-75% womnotho wezwe, ngakho kuningi ezingakwenza ukuze kutholakale isixazululo kule ngwadla yenkinga ebhekene nezwe.
Uthe nakuba kuwumsebenzi wohulumeni ukulungisa izinkinga ezifuze lena, kepha futhi wukubambisana nezinhlaka ezizimele okungasiza ukuphuthumisa usizo nezixazululo.