NHLALWENHLE MAGWAZA
Image: SITHUNYELWE
KUSIZE isangoma esihlabe umkhosi ngowesilisa ositshele ngokufa kwentombazane ebidukile, efuna ukugezwa ngenkani, maqede atholakala ngempela amathambo ayo emhosheni ePhezukomkhono, eMbumbulu, ngoLwesine.
UNhlalwenhle Magwaza (7) okwabikwa ukuthi waduka ebuya esitolo sendawo ngoNovemba 23, 2025, amathambo akhe atholwe emhosheni obonakalayo uma umi egcekeni kubo ngoLwesine.
Lokhu kuze emva kokuthi isihlobo sakhe esiwumsolwa, sinikele esangomeni ekuqaleni kwesonto eledlule, siyofuna ukugezwa sisuswe amathunzi, sikhala ngokungalali ngenxa yokuhlushwa nguyena. Ngokusho kwesihlobo, esicele ukungadalulwa, unina kamufi uthole ucingo emaphoyiseni ngoLwesine.
“Amyalele ukuba ehle aye emhosheni namalungu omndeni ambalwa ngoba ingane isitholakele,” kusho isihlobo. Sithe ngesikhathi befika lapho abebebizelwe khona, bakhangwe esisodwa sezicathulo, umufi anyamalala ezigqokile. Siveze ukuthi babe sebekhonjiswa amathambo abengasenazicubu.
“Abecakazeke yonke indawo. Ikhanda lile, izingalo, izimbambo nemilenze, kule nale. Kubukeka sengathi yagencwa ingane,” kusho isihlobo esithe basazolinda imiphumela yokuhlolwa kwawo, ukuze baphenduleke ukuthi ingane yabulawa kanjani.
Siveze ukuthi bathole ukuthi umsolwa abahlobene naye ngokozalo lomndeni ohlala endaweni, unikele esangomeni.
“Kuthiwa ufike wasikhiphela ummese, wasiyalela ukuthi simgeze ngenkani ngoba usekhathele yena ukuhlushwa umufi,” kusho isihlobo. Sithe yilapho egonyuluke khona ngokuthi isidumbu sikamufi sisemhosheni.
Siveze ukuthi isangoma, yize besisabela impilo yaso, sehlulekile ukuthula nodaba, saluxoxela umndeni ogcine usuxhumana noyise kamsolwa.
“Kuhlangane imindeni, satshelwa ukuthi ngeke sikwazi ukuthula nento engaka, asihambe siyoyibika emaphoyiseni, kwaba libhoboka kanjalo ke ithumbu,” sisho kanje.
Sithe umndeni usamangele ngakho konke okwenzekile. Saveza ukuthi nakuba etholakele amathambo kamufi lapho obekukhombe khona umsolwa, uqhubekile nokuphika ukuthi nguye owambulala umufi.
“Kuningi okusididayo, asikholwa ukuthi akathinteki futhi asikholwa ukuthi konke lokhu ukwenze eyedwa. Sinomuzwa wokuthi bakhona abanye abebambisene nabo,” kusho isihlobo.
Sithe lokhu bakusho ngoba kukhona ebebenza izinto ezingaqondakali emphakathini, abanye babo, bebafonela besho izinto ezikhombisa ukuthi lukhona ulwazi abanalo ngokunyamalala kwengane.
“Sifisa aqhubeke nengonyuluka yakhe, abakhiphe bonke asebenzisane nabo, bese ethola isijeziso esimfanele ngoba akumfanele ukuba semphakathini,” sisho kanje.
Sithe okunye okudidayo ukuthi uma usekhaya kubo kamufi, kuyabonakala emhosheni okutholwe kuwo amathambo, sathi lokhu kusho ukuthi babezobona uma kukhona umuntu oshona khona nomufi.
“Sisola ukuthi waya khona eseyolahla izinsalela zakhe, akambulalelanga khona futhi sisola ukuthi wamlahla khona emva kwesikhathi eside ngoba amaphoyisa ayehamba nezinja, acinga nangakhona kodwa angathola kutho, okusho ukuthi wayengakabekwa,” kusho isihlobo.
Sichaze umsolwa njengomuntu onesibindi, obengakwenza ukuthi ambulale ngesihluku umufi. Sikhumbule isigameko lapho abulala khona ngesando izinja ezaziwuhlupho emphakathini, zidla izinkukhu. Nokho sithe basadidekile ngokuthi yini edale ukuthi abulale umufi ngoba ubengenanxa nomndeni wakhe, sathi ungomunye wabantu ebebehlala bahlale bakhulume ngokunyamalala kukamufi ngendlela engaqondakali.
Police comment…
Related Topics: