Izitshudeni ziqalile ukufuna izikhala zokufunda nokuhlala ezikhungweni ezahlukene
Image: Leon Lestrade/Independent Newspapers
UPHIKO olulawula ukugunyazwa kokusebenza kwezikhungo zemfundo ephakeme kule lizwe i-South African Qualification Authority (SAQA) isixwayise bonke abafundi abebefunda u-matric nyakenye kanjalo nabazali babo ukuthi baqaphele uma sebebhalisela ukufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukusiza ukugwema ukubhalisa kweziwombombayi.
Lesi sixwayiso siza nje imimoya iphezulu njengoba kulindeleke ukuthi kuphume imiphumela yabaka-matric ngoLwesibili ekuseni, nokubhekwe ukuthi uma isiphumile - abafundi bankanise zinkalo zonke befuna izikhala zokuqhubeka nemfundo yabo emikhakheni ehlukene, lapho okuvame ukwenzeka khona ukuthi abanye baqolwe yizikhungo ezingamawuwa.
Isikhulu esiphezulu esisabambile seSAQA uDkt Makhapa Makhafula sixwayise ngokuthi lesi yisikhathi lapho abazali nabafundi kudingeka ukuthi babe mehlomane ukuze bangalutheki yilezi zikhungo ezihlose ukubaqola imali ngento engekho, ngoba zibona futhi zazi ukuthi izingane zisuke zilambele ukuqhubeka nemfundo emazingeni emfundo ephakeme.
“Nakuba kulesi sikhathi imimoya isuke iphezulu, iphezulu nenjabulo yokushisekela ukuqhubekela phambili nemfundo, kepha futhi yilapho abazali nezingane belutheka kalula khona ngalaba bantu bezikhungo ezingekho emthethweni ezisuke zifuna ukubaqola imali ngokubathembisa amathuba okufunda, nakho okungagunyaziwe kuhulumeni,” kuxwayisa uDkt Makhafola.
Eqhuba, uthe abazali nabafundi kumele baqikelele ukuqala ngokubheka ukuthi leso naleso sikhungo sibhalisiwe futhi sigunyaziwe yini ukufundisa imfundo ephakeme ngokomgomo woMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqesha ngaphambi kokuthi baze bafake izicelo zokufunda kuzona nokukhokhela izindleko zokufunda zakhona.
“Abafundi sibeluleka ukuthi baqaphele izinto ezinjalo ukusiza ukuthi bengangeni ogibeni olungagwemeka, nokuthi abakhuthalele ukungena kule website ethi: www.dhet.co.za ukuthola konke ngezikhungo zemfundo ezisebenza ngokusemthethweni,” usho kanje.
UDkt Makhafola uxwayise ngokuthi abafundi abagcina bengene ogibeni lokufunda ezikhungweni zemfundo ezingekho emthethweni balengela engozini yokulahlekelwa yimali yabo ngobala, nokuthola izicucu zemfundo ezingeke zibasebenzele ukuqashwa nokuziphilisa, yingakho kumqoka ukulandela yonke imiyalelo yokugwema lokho.