Laba bafundi baKwaZulu-Natal bahlonishwe njengabafundi abaphumelele kakhulu nguNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube. Nonduduzo Mkhize waseFulton School for the Deaf, Amahle Ngidi wase-St Martins, Olwethu Dladla waseTugela Secondary, Thobane Shezi KwaThintwa School for the Deaf, Asanda Ndlela waseMasibumbane High School, Senamile Tabate waseMathubesizwe Secondary School, Simesihle Khuzwayo waseKing Bhekuzulu High School no-Ethan Naicker wasePort Shepstone Secondary School.
Image: Sithunyelwe
UQOPHE umlando uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uqwaqwada eminye imiNyango yezeMfundo kuzwelonke emiphumelweni ka-matric yango-2025.
Lesi sifundazwe silale endaweni yokuqala, saqopha umlando sithola ngaphezu kuka-90%. Lesi sifundazwe senze kahle kakhulu phezu kwezinselelo esibhekene nazo zemali.
Ememezela imiphumela yalo nyaka ka-matric, uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, emcimbini obuseGauteng, uncome iKZN ngokushaya amakhanda ezinye izifundazwe.
Uthe lesi sifundazwe senze kahle phezu kwezinselelo ezikhona.
Uveze ukuthi lesi sifundazwe sithole u-90.6%, okusho ukuthi silale endaweni yokuqala, sashaya ezinye izifundazwe. Nyakenye iKZN yalala endaweni yesibili ka-matric ngo-89.5%. I-Free State yiyona eyayilele endaweni yokuqala ngo-91.0%. I-Gauteng yona yayilele endaweni yesithathu.
Ukunyuka kwezinga lokuphasa kubuyise ithemba kulesi sifundazwe esibhekene nezinselelo zemali.
Kunongabazane ukuthi izikole zizovulwa ngempumelelo eKZN ngenxa yezingqinamba ezibhekene noMnyango wokungayifaki imali yezikole ukuze zikwazi ukuthenga izincwadi zokufunda ne-stationery. Kwalezo zikole ezihanjiselwa nguMnyango i-stationery, asikafiki sonke ngenxa yokuthi siphuzile ukuthengwa ngenxa yokuthi imali kayisho.
UMphathiswa woMnyango esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka, uhlale ekuveza ukukhathazeka kwakhe ngenkinga ebhekene noMnyango yezeziMali.
Nyakenye kuze kwehla uNksz Gwarube nomqondisi jikelele, uMnuz Mathanzima Mweli, ukuzama ukuzolungisa isimo esithinta imali eMnyangweni.
Isifaniswa nenhlekelele eyokungabi namali koMnyango njengoba osonkontileka bengakhokhelwa ngesikhathi esifundazweni. ISadtu esifundazweni iya ngisho enkantolo ifuna kuphoqwe uMnyango wezeMfundo nokaMgcinimafa, ukuthi ikhokhele izikole.
UHlomuka ubehleli emile ekutheni yize kunezinselelo kodwa kumele linyuke izinga lokuphasa kwabafundi. I-KZN iphinde inconywe ngokukhiqiza inqwaba yabafundi abaphasa ngamaBachelor kunabaphasa ngamaDiploma ka-matric.
Related Topics: