Izindaba

Kuboshwe umyeni onikele ngemoto enesidumbu somkakhe

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuboshwe indoda eneminyaka engu-42 ubudala ngemuva kokutholakala kwesidumbu somkakhe ebhuthini yemoto yakhe enxanxatheleni yezitolo eBrackenhurst, Alberton.

Image: Sigciniwe

Kuboshwe indoda eneminyaka engu-42 ubudala ngemuva kokutholakala kwesidumbu somkakhe ebhuthini yemoto yakhe enxanxatheleni yezitolo eBrackenhurst, Alberton.

Ngokombiko we-SAPS, amadoda amabili abike ukuthi ekuseni ngoLwesihlanu athintwe ngowesilisa obathembise umsebenzi wacela izincwadi zokushayela.

Laba balisa bahambe naye baya eRandhart wabanikeza imoto, wabatshela ukuthi balungele ukuhlangana naye ngokuhamba kwesikhathi ngemuva kwenxanxathela yezitolo iBrackenhurst Square.

Laba banikele khona balinda lo mlisa kodwa lutho ukufika endaweni okuvunyelwene ngayo, la madoda aqala ukusola futhi anquma ukuyihlola imoto.

Ngesikhathi beyihlola, kuthiwa babone igazi nezinwele ngaphakathi emotweni.

Lokhu kwenze ukuthi bavule ibhuthi, nokuyilapho bethole khona isidumbu sowesifazane.

Kuvele ukuthi umufi wabikwa ukuthi ulahlekile ngumngani wakhe ngoLwesihlanu. Isidumbu sakhe satholwe sinamanxeba okugwazwa singaphakathi ebhuthini yeBMW yakhe.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Alberton ngoMsombuluko.