Izindaba

Isikhalo ngabalekelele abafundi ukukopela kubhalelwa u-matric

Simangaliso Ntshangase|Published

Abafundi baka-matric bebhala izivivinyo zokuphela konyaka

Image: Ayanda Ndamane / Independent Newspapers

UHLAKA olugunyaza imiphumela yabafundi baka-matric ezweni Umalusi luzwakalise ukukhathazeka ngothisha nabagada abafundi uma bebhalela ukuhlolwa kwabo kokugcina ngesenzo sokubalekelela ukuthi bakopele ngenkathi kubhalwa.

Lokhu kushiwo yisikhulu esiphezulu ku-Umalusi, uDkt Mafu Rakometsi esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu, onhloso yaso bekuwukuzoqinisekisa ukuthi konke sekumi ngomumo ngemiphumela yabafundi baka-matric wanyakenye, ezophuma ngoLwesibili.

UDkt Rakometsi uthe nakuba begculisekile ngezingabunjalo lemiphumela yabafundi, kepha kuyabakhathaza ukuthi nakulokhu kukhona abafundi okutholakale ugcobho emiphumeleni yabo

“Kulokhu bawu-40 abafundi okutholakale ugcobho emiphumeleni yabo ngenxa yokuthi baphule eminye yemithetho ngenkathi kubhalwa, kanti futhi njengoba sekuqalile ukuphenya ngalokho - abazukuyithola imiphumela yabo ka-matric kuze kube wukuthi sekuphothulwe uhlelo lokuphenya bese bethathelwa izinyathelo ezifanele.

“Kuyasikhathaza futhi ukuthi kulezi zenzo zokukopela kukhona othisha nababegada abafundi ngenkathi kubhalwa ababambe iqhaza ekutheni labo bafundi bakopele, kuze kukhonjiswane ngezimpendulo okuyisenzo esingesihle neze - esesiqalile futhi ukuphenya ngaso ukuze nabo bathathelwe izinyathelo ezifanele,” kulanda uDkt Rakometsi.

Uthe nakuba kube khona lezo zingqinamba ezibe yizithiyo lapho nalapho, kepha uyaqinisekisa ukuthi imiphumela yabafundi okungatholwanga gcobho kubona izophuma isezingeni elifanele nelizobagculisa uma isiphuma ngokusemthethweni ngoLwesibili.

“Sibafisela inhlanhla beqhubeka nempilo yabo, futhi sithemba ukuthi lokhu kuzoba yisendlalelo sempilo enhle nekusasa eliqhakazile kubona bonke,” kusho yena.