Izangoma zezulu zixwayisa izakhamuzi zaKwaZulu-Natal ukuba ziphephe njengoba kukhishwe isexwayiso sesigaba sesine sanamhoanje ebusuku.
Izindawo ezithintekayo: Abaqulusi, Big Five Hlabisa (Hlabisa & Hluhluwe), eDumbe, eMadlangeni, Jozini, Mandeni, Mthonjaneni, Mtubatuba, Nkandla, Nongoma, Nquthu, Ulundi, uMhlabuyalingana, uMlalazi, noPhongolo.
Umthelela ongaba khona:
• Ukukhukhuleka kwemigwaqo, amabhuloho, nezindawo zokuhlala.
•Ukuphazamiseka okukhulu kwezohambo kanye nokulimala kwengqalasizinda ngenxa yesichotho.
• Umlilo ongabangwa umbani.
Okumele ukwenze ukuze uphephe:
• Hlala endlini futhi ungahambi emigwaqweni uma kungenzeka.
• Gwema ukuwela imifula noma imifudlana lapho amanzi engaphezulu kobude bamaqakala.
• Hambisa izinto ezibalulekile endaweni ephephile ngaphezu kwamazinga ezikhukhula alindelekile.
• Gwema ukusondela eduze kwezinto eziyinsimbi, izihlahla ezinde, noma izindawo ezivulekile ngesikhathi kunombani.
Isimo sezulu singesihle ezindaweni eziningi eKZN
Image: Sithunyelwe