Izindaba

Indida ngenkokhelo nenkomo yokugeza igceke ngengane 'edlwengulwe' enye

Zimbili Vilakazi|Published

Inkomo

Image: British Simmental

UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.

Isigameko sokudlwengula kuthiwa senzeke maphakathi nenyanga edlule, umsolwa oneminyaka engu-17, "edlwengula" umgilwa oneminyaka engu-8.

Ngokuthola kweSolezwe ngaleso sikhathi, isigameko senzeke kubo kamsolwa ngesikhathi umgilwa evakashele ezinye izingane ezingontanga yakhe.

Sikhuluma ngokwenzeke kamumva isihlobo sikamgilwa, esingeke sidalulwe ukuvikela isithunzi sakhe, bekunguJanuwari 2 nonyaka, umndeni uthola ucingo lwekhansela, lithi lithunywa umndeni kamsolwa.

“Lithe bathi akababuzele ukuthi bangafuna malini ngesigameko, lathi bathe leyo mali bazoyiletha kanye nenkomo nembuzi,” kusho isihlobo.

Sithe bathi bacela ukukhipha konke lokhu ngoba bona benza izinto ngamasiko esintu ngakho bafuna ukuhambisa izinto ngesintu.

Sithe umndeni wabuza ukuthi bebethandana yini umgilwa nomsolwa kuze kuhanjiswe izinto ngesintu?

Siveza ukuthi bona bayibuka le nto ngeso lokuthi lokhu kuyimizamo yokubavala umlomo ukuze basule icala eliqhubekayo enkantolo, sathi kwenzeka lokhu nje, ngayizolo ngezikhathi zasekuseni, umphakathi wavuswa umlilo, kusha umuzi wakubo kamsolwa.

Sithe umndeni waphuma walunguza, wabona kusha, sekusondele nabanye omakhelwane, bezobhula.

Siveza ukuthi kwathi uma kufika amalungu omndeni kamsolwa, amanye ademelayisa ethi: “Azikhale-ke manje ngoba lo muzi oshiswayo akuwona owengane, owabantu abadala”.

“Umndeni wethu wakuthatha njengokuthi cishe basola thina ngokusha komuzi wabo nokuyinto esingayazi,” kusho isihlobo. 

Siqhube sathi babe sebethola amahebezi okuthi umndeni kamsolwa wenza imizamo yokuthi badingiswe endaweni njengoba ubasola ngokuthi yibo abashise umuzi.

Uthe isimo sikamgilwa sisesibi njengoba ehlala ahlale ophe ngaphambili nangemumva. Uthe odokotela bathi kwenziwa ukuthi walimala kakhulu.

Uthe icala libuyela eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza, ngoLwesibili.

Lithintwa ikhansela ngalokhu, uNkk Nkitimeng Mpanza, likuqinisekisile ukuthi udaba liyalwazi, labikelwa ngalo, kusanda kwenzeka. UNkk Mpanza uthe nakho konke okuthe kwenzeka kamumva unalo ulwazi ngakho.

“Lishisiwe ikamelo lomuzi wakubo kamsolwa, bangibikela ngakho. Ngibayalele ukuthi udaba balubike emaphoyiseni, kanti sebevele bawabikele,” kusho uNkk Mpanza.

Uthe ukhulumile nomndeni kamgilwa, othe awazi lutho ngesigameko, wase egxeka eyokuzithathela umthetho ngezandla, wasola nalabo abangase basebenzise isigameko sokudlwengula ukubhebhethekisa ukungezwani kule mindeni.

Mayelana nokukhokhwa kwemali, inkomo nembuzi, uthe umndeni kamsolwa uzile kuyena uzoyikhuluma.

“Ngiyedlulisele emndenini kamgilwa ngathola ukuthi awuyithandi, ngabuyisela impendulo kokamsolwa, ngase nginxusa ukuthi kuyekwe konke ezandleni zomthetho,” usho kanje. 

Ethintwa unina kamsolwa ngalokhu, unele wezwa ukuthi ukhuluma nentatheli, wabhoka ngolaka, wayibuza: “Angithi uwumZulu wena? Awuyazi into yokuhlawula igceke? Thina besithi senza isintu, sihlawula igceke kodwa sesishiye kanjalo ngoba sizwile ukuthi lokho abakufuni.”

Uthe ngesikhathi umndeni wakhe uhlongoza eyokukhokha okuthile kokamgilwa, ubungazami ukuwuthenga ukuze usule icala kodwa ubufuna ukuthi kugezwe umshophi ovelele umgilwa ukuze ungaphinde wenzeke ngomuso. 

Ube eseveza ukuthi nabo bashiselwe umuzi kodwa wathi akekho asebemkhombe ngomunwe ngokubehlele, wathi bathembele emaphoyiseni ngophenyo.

Uvale ucingo intatheli isafuna ukumbuza ngokudemelayisa kwezihlobo zakhe ngesikhathi zifika indlu isha, kanjalo nangamahebezi okuthi bafuna udingiswe endaweni umndeni kamgilwa.

Isolezwe lithole ukuthi ofakazi abakabuyi namanje endaweni njengoba bathutha emva kokuveza eyokuthi umsolwa udlwengule umgilwa.