IZINKUMBI zamaNazaretha asuke eNanda ngeSonto afinyelela eKhenana, oZwathini, ngoLwesibili lapho okulindeleke ukuba ahlale khona kuze kube ngasekupheleni kwenyanga ekhulelkeka izinto ezihlukene
Image: Doctor Ngcobo / Independent Newspapers
AMANAZARETHA ohlangothini lwaseBuhleni aholwa yinkosi, uMduduzi ''uNyazilwezulu'' Shembe azokubeka eqhulwini ukukhulekelwa kwesihlava sokubulawa kwabantu besifazane nezingane njengoba esentabeni iKhenana.
Lokhu kudalulwe yiloyo okhulumela leli bandla, uMnuz Thokozani Mcwabe, ngesikhathi enenkulumo ekhethekile neSolezwe mayelana nohambo lwabo lwakulo nyaka athi luhambe kahle kakhulu.
Uveze ukuthi inhlosongqangi yalolu hambo kusuke kungukukhulekela ukuthi unyaka ibandla liwuqale kahle konke kuhambe kahle.
Kodwa uthe ngenxa yezimo eziningi esezenzeka ezweni nezibonakala zikhinyabeza inhlalonhle yabantu ibandla seliye likubeke eqhulwini ngaso sonke isikhathi ukubaluleka kokukhulekelwa kwezimo ezahlukene ezingezinhle.
Kulokhu uthe kuzoba seqhulwini ukukhulekelwa kwesihlava sokubulawa kwabantu besifazane nezingane athe sibonakale sesiphenduke insakavukela ezingxenyeni ezahlukene zezwe.
Uthe lo mkhuleko bazowenza ngoba bayakuqonda ukuthi ibandla lamaNazaretha liyingxenye yomphakathi, wathi okwenzeka emphakathini kuyalithinta ibandla.
UMHOLI wamaNazaretha, Unyazilwezulu ehola ibandla kusukwa eNanda kubhekwe oZwathini
Image: SITHUNYELWE
Ugcizelele ukuthi nabo njengebandla kumqoka kakhulu ukuthi kube khona abakwenzayo ngalesi sihlava athe sibonakala siphuma esandleni.
''Sizokukhulekela nje kakhulu ukuthi iphele manje le ndaba yokubulawa kwabantu besifazane nezingane. Kungaba yiphutha elikhulu kabi uma kungathiwa njengebandla sikhuphukela entabeni ebese singabe sisayikhulekela inkinga enkulu kangaka,'' usho kanjena.
Uthe bayakholelwa kakhulu ekutheni umkhuleko unamandla okuguqula izinto ezahlukene noma ngabe leso simo sibukeka silukhuni satshe kangakakanani.
Uveze ukuthi bazophinde bakhulekele ukuthi kwehle ukuphuzwa kwezimbiza zikaFaru njengoba ethe nazo ziwumnyombo wezinkinga eziningi izwe elizithola libhekene nazo.
''Uma umuntu esephuzile iqinisio ukuthi akabe esecabanga kahle. Akanqeni umuntu ukuthi amane abulale aphinde adlwengule enze into abangeke aze ayenze nje nhlobo ukube ubengabuthintanga utshwala,''usho kanjena.
Uthe ayikho into emqoka njengokukhulekela ukuthula ngoba lokho kungumgogodla omkhulu wokuphila kwezwe lonkana. Lokhu uthe bakholwa ukuthi kuyisibopho esikhulu sebandla lamaNazaretha wonkana.
Ukushayele ihlombe elikhulu okwenziwe yinhlangano uBumbano athe lukubeke emahlombe alo ukulungisa umgwaqo oya eKhenana.
''Le nhlangano yenze konke ilungisa umgwaqo. Siyabonga kakhulu kuyona ngendlela ekhombise ngayo ukuba nesineke namaNazaretha,''usho kanjena.
Uveze ukuthi uBumbano yinhlangano ebunjwe ngamaNazaretha. Ugonyuluke nangokuthi akuyona into elula ukunyuka intaba ngezinyawo kukhona amatashe, nelanga lishisa.
''Ngabe sinamanga uma singathi kusuke kuyinto elula,kodwa kuyenzeka ngenxa yokuthi sisuke sethembe uNyazi Lwezulu okuyilona olusiholayo kukhona konke esisuke sikwenza,''usho kanjena.
UMnuz Sandile Goba wenhlangano uBumbano uthe le nhlangano igxile kakhulu ekubhekeleleni izidingo zomphakathi ngezindlela ezahlukene.
Uthe bahlala phansi babona kumqoka kakhulu ukuthi kube khona abakwenzayo mayelana nokulekelelwa kwamaNzaretha ukuze abe nohambo oluphephile nolungenazo izihibe oluya entabeni, eKhenana nonyaka.
Leli bandla likhuluma ngeyokukhulekela ukubulawa kwabesifazane kuzokhumbuleka ukuthi noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ukugcizelele kaningi ukuthi kubhukulwe kunqandwe lesi sihlava.