UNKSZ Asithande Mkhuba
Image: SITHUNYELWE
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
UNksz Asithande Mkhuba (18) waseMkholombe, khona ePort Shepstone, utholwe ngeSonto ebulewe, wambozwa ngengubo yokulala ekotishi.
Ngokusho kukanina, uNksz Nomfundo Mkhuba, babegcine ukumbona ephila ngoLwesine, ethi usaya kubangani bakhe.
Kuphele izinsuku engabuyi, kwaze kwaba bathola ucingo ngoMsombuluko, luthi abaphuthume emakhazeni bayobheka ngoba kutholwe isidumbu sowesifazane okusolakala ukuthi yindodakazi yakhe.
“Sifike saqinisekisa ukuthi wuye. Sisola ukuthi uqale wadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe ngoba ibhulukwe lakhe nesikhindi sangaphansi bekusezinyaweni,” kusho uNksz Mkhuba.
Uthe babuzwile ubuhlungu ngokubulawa kwendodakazi yakhe ngesihluku.
“Bayibulale ngesihluku ingane yami. Bayishiya kanjalo. Itholwe isiphuma izilwane. Kubuhlungu. Ngimelwe yingqondo,” usho kanje.
Uthe bazwile ukuthi kukhona othathwe amaphoyisa, wathi bafuna alihlanze lonke iqiniso, akhiphe nabanye uma indodakazi yakhe bayibulala bebaningi.
Umholi wohlaka olulwa nobugebengu endaweni, uMnuz Bhakabhaka Somhlaba, uthe bathole ucingo lubazisa ngekotishi elivaliwe kodwa okuthaphuka iphunga elingabekezeleleki kulona.
Uthe bayalele ebebefona ukuthi balunguze ngewindi babheke ukuthi akulengi muntu yini ngentambo, babuyisa impendulo ethi babona sengathi kukhona olele embhedeni.
“Sinikele khona, sagqekeza, nebala sazithela phezu kowesifazane elele embhedeni, eshonile,” kusho uSomhlaba, othe babe sebebiza amaphoyisa.
Uthe kwathi uma beyobuza emaphareni endawo abake babona umufi ehleli nawo, kwabakhona elithi wayehleli nawo ngoJanuwari 1 kodwa wabuye wahamba nomunye wesilisa.
“Kwaphinde kwaba khona elinye elithi lahlangana naye ebanjwe ngengalo owesilisa ahamba naye, ephethe ubhushu, ethi uyombulala ngosuku olufanayo,” kusho uSomhlaba.
Uveze ukuthi iphara libatshele ukuthi into eyadala ukuthi linganaki ngaleso sikhathi wukuthi kwakungabonakalisi ukuthi umufi uxabene nowesilisa, futhi ngesikhathi ekhuluma kanje, umufi akazange asho lutho ukukhombisa ukuthi impilo yakhe isengcupheni.
Uthe ikotishi okutholwe kulo isidumbu sikamufi, elakhe lona wesilisa okuthiwa wabonwa ehamba naye kanti usagcwele amathafa.
Uveze ukuthi amaphoyisa alithathile iphara ayolihloma imibuzo njengoba libuye laveza eyokuthi nalo belithandana nomufi futhi lamshiya endlini yowesilisa ngoJanuwari 1, liyomthengela ukudla.
“Amaphoyisa avele ahamba nalo selihlulwa wukuchaza ukuthi layishiya kanjani intombi yalo endlini yomunye umuntu nokuthi pho lahamba lagcinaphi liyomfunela ukudla. Sisola ukuthi bambulala ngokubambisana,” usho kanje.
Okhulumela inhlangano elwela ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, iWomen of uMthwalume, uNksz Nombuso Sibisi, uthe bashaqekile ngesihluku esenzeke kuleya ndawo.
“Amadoda awahloniphe abantu besimame, abesimame abagweme ukuphuza nokubhema namadoda, izwe libi,” kusho uNksz Sibisi.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo ngodaba.
Related Topics: