Izindaba

I-UKZN ivivela abangaphezu kuka-9 000 bonyaka wokuqala

Simangaliso Ntshangase|Published

UMQONDISI woPhiko lwezobudlelwano e-UKZN uNksz Normah Zondo, odalule ukuthi bazoqala ngesonto elizayo ukuphendula abafundi abamukelwa noma abachitha izicelo zabo

Image: SIGCINIWE

ENYE yamanyuvesi asesifundazweni futhi ahlonishwayo ngenxa yezinga lemfundo yawo i-University of KwaZulu-Natal isimemezele ukuthi ihlela ukuthatha izitshudeni ezingaphezu kuka-9 000 ukuzokwenza unyaka wokuqala uma sekuqala uhlelo lokufunda nonyaka.

Lokhu kushiwo wuMqondisi woPhiko lwezobudlelwano kule nyuvesi uNksz Normah Zondo, lapho edalule khona ukuthi bazoqala ngesonto elizayo ukuphendula abafundi abamukelwa noma abachitha izicelo zabo, uma sekuphume imiphumela ka-matric wangonyaka odlule, ezophuma ngoLwesibili.

UNksz Zondo udalule ukuthi i-UKZN ithole izicelo ezingaphezulu kuka-326 546 zabafundi abafuna ukuzofunda kuyona, wathi nokho bazokwazi ukwamukela abangaphezudlwana kuka-9 000 ukuzofunda kubona ngenxa yokuthi abanawo umthamo wokuthatha wonke umuntu.

Uthe kulezo zicelo eziningi ngezabafuna ukufundela ubuhlengikazi njengoba bengaphezu kuka-27 763 abafake izicelo, kube ngabawu-25 826 abafake ezobuthishela nabawu-25 231 abafake izicelo zokufundela ubumeli.

Uhlelo lokubhalisa ngohlelo lobuchwepheshe besimanje kwizitshudeni ezizoqhubeka nokufunda kule nyuvesi lona luvulwe ngoJanuwari 6, kanti luzoqhubeka luze luvalwe ngoLwesihlanu lwangoFebhuwari 13. Abonyaka wokuqala bona bazoqala ukubhaliswa ngoFebhuwari 2 kuya ku-7.

UNksz Zondo uthe babheke ukuthi uhlelo lokubhalisa luqhubeke ngaphandle kwezihibe, futhi waqinisekisa nokuthi inyuvesi ngeke ize imeme izitshudeni ukuzobhalisa ezimpikweni ezinhlanu zala manyuvesi njengoba konke kuzokwenziwa ngohlelo lobuchwepheshe.

“Lonke uhlelo lokubhalisa, kubandakanya nolokwamukela umkhakha osuke unikwa ithuba lokuthi uzowufundela noma ushintsha umqondo ngomkhakha ofuna ukuwufundela, konke kuzokwenziwa ngohlelo lobuchwepheshe ukuze kungabi nasiphithiphithi.

“Kanti futhi bazothathelwa izinyathelo zomthetho bonke labo abasebenzisa igama lenyuvesi ukuqola noma ukulutha izitshudeni ngento engekho,” kuxwayisa uNksz Zondo.,

Unxuse nokuthi abafuna imininingwane egcwele bangene kwi-website ye-UKZN ethi: www.ukzn.ac.za noma babheke amakhasi ayo ezinkundla zokuxhumana, wase edalula nokuthi uhlelo lokufunda luzoqala ngoMsombuluko wangoFebhuwari 9.