UMPHATHISWA wokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga nosophikweni lwezokuxhumana kulo mnyango uMnuz Thuba Vilane bephethe okunye kokudla abakhalise ngakho komunye wemizi eshonelwe
Image: SITHUNYELWE
UZWAKALISE ukukhathazeka ngefu elimnyama eligubuzele indawo yaseMzumbe ngezigameko zokubulawa kwabantu ngesihluku uMphathiswa wokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga.
UNksz Shinga usho lokhu ngoMsombuluko ngesikhathi eyohlanganisa amehlo nemindeni emibili edlulelwe yizihlobo eziyisithupha ezigamekweni ezehlukene.
KwesaKwaDweshula esenzeke ngoDisemba 31, kubulawe amalungu omndeni amane. Kuthiwa abasolwa abane abangaziwa bakhahlele isicabha sendlu engurawondi, bafica owesifazane ehleli nomyeni wakhe.
UMPHATHISWA wokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga ongasekuqaleni ezohlanganisa amehlo nomndeni wakwaCele KwaDweshula
Image: SITHUNYELWE
Kuthiwa abathathu bebephethe izibhamu, oyedwa ephethe ubhushu.
Kuvela ukuthi bafune imali ngodli, nokuthe uma betshelwa ukuthi ayikho, badubula owesilisa (45), wafa. Kuthiwa babe sebeyalela owesifazane ukuthi abakhombise ukuthi amanye amalungu omndeni akuphi.
Kuthiwa ubaphelezele wabayisa endlini enkulu nokuyilapho befice khona owesifazane nezingane zakhe ezimbili, babadubula bobathathu, base bebaleka namaselula.
UMPHATHISWA wokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga eyohlanganisa amehlo nomndeni wakwaCele KwaDweshula
Image: SITHUNYELWE
KwesakwaBangibizo, eMthwalume, kudutshulwe, kwabulawa uMnuz Siboniso Mteshane (31) nomzala wakhe uMnuz Kwanele Gumede (33).
Kuthiwa badutshulwe wumuntu obehilizisane noGumede emgwaqweni, emva kokuthi eshayise esinye isihlobo kubuywa embondweni wesihlobo.
Kuvele ukuthi umsolwa usongele uGumede ngokuthi uzomdubula nokuthe sekuhlwile wabuya wazomdubula ngempela.
UMPHATHISWA wokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga ezohlanganisa amehlo nomndeni wakwaCele KwaDweshula
Image: SITHUNYELWE
UNksz Shinga ohambele le mindeni uthe: “Kuyasikhathaza ukwanda kwezigameko zalolu hlobo esifundeni uGu, ngaphansi kukaMasipala waseMzumbe. Le ndawo igubuzelwe yifu elimnyama ngezigameko zalolu hlobo. Lokhu kudala ukuthi umphakathi wonke ube sosizini.”
Uthe ukwanda kwezigameko sekuholele ekutheni umphakathi wonke uhlalele ovalweni.
Uthe bewumnyango bathumele osonhlalakahle ukuthi basize ngokweluleka imindeni yabafi ngokwengqondo, baphinde bathathe imininingwane yabo ukuze kubhekwe ukuthi yiluphi olunye usizo abanganikezwa lona ngokuqhubeka kwesikhathi.
Related Topics: