Kuphume isidumbu kubangwa amafa
Image: Sigciniwe
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
Kulesi sigameko, okuthiwa senzeke ekhaya, kufe ngesihluku uNkk Zethu Mzelemu, kwaphinde kwalimala umzukulu wakhe, okuthiwa udubuleke ehlombe.
Ngokusho kwesihlobo, uMnuz Zenzele Mzelemu, umsolwa (32) ongumshana kumufi, ubevele engamhlalisile kahle umufi kulandela ukufa komyeni wakhe (ongumalume kumsolwa) ngo-2022.
"Abebesondelene nomufi bathi umshana ubehlala ahlale amxakazise, athi ufuna ifa alinikwa umalume wakhe ngaphambi kokuba ashone,” kusho uMzelemu.
Elandisa uthe kulona kukhona izindlu zemiqasho, izinkomo kanjalo nomuzi obekuhlala kuwo laba ababeganene, nokuyiwo agcine ebulalela kuwo umufi.
Uthe abakhumbuli ikhona incwadi yefa eyayicacisa obekushiwo umsolwa futhi akekho nokhumbulayo umyeni kamufi ethi umsolwa akonikezwa lezi zinto esikhundleni sokuthi zithathwe umkakhe.
“Yinto esingazi ukuthi iyinkulumo eqhamukaphi,” usho kanje.
Uqhube wathi kwenzeka isigameko nje, bese kunesikhashana umsolwa eviliyela ngesibhamu egcekeni, njengoba naye ebehlala kuwo lo muzi, esabisa ngokuthi yena “uzodubula umuntu”.
“Kuthiwa uqale ukwenza le nto sekusondele uKhisimusi kodwa banganaka. Kuthe uma sekwenzeka kanje, sezwa ubuhlungu bokuthi ukube savele sayibika le ndlela yakhe yokuhlupha emaphoyiseni, mhlawumbe ngabe usaphila umakoti ngoba abezomphuca isibhamu,” kubalisa uMzelemu.
Udalule ukuthi ngosuku lwesigameko, bekuhleli umhlangano emini phakathi kukamufi, umsolwa namanye amalungu omndeni, yize ebengaphelele.
“Inhloso bekuwukuthi kubhungwe ngalo lolu daba, nokho sithole ukuthi lo mhlangano awuzange uphethe kahle njengoba kuvele kwashuba ingxabano phakathi kukamsolwa nomufi. Nakhona lapho kuthiwa uphinde wawakhipha amazwi okuthi yena uzodubula umuntu kanti uzovele akwenze ngempela ebusuku,” kusho uMzelemu.
Uthe bathole ukuthi umsolwa ungene ngewindi, wayobheka umufi ekameleni lakhe. Kwathi uma engamfici, wedlulela kwelezingane nokuyilapho amfice khona elele nezimbili, wavele wavulela ngenhlamvu, umufi wathulela khona lapho, eyodwa yadubuleka, yaphuthunyiswa esibhedlela, enye yaphuma ingenamyocu.
Kuvela ukuthi umsolwa zimkhalele ngoMgqibelo, kulandela ukubhadanywa kwakhe ngamaphoyisa emva kokuthathwa kwesidumbu, ezulazula egcekeni ethi ucinga izinhlamvu zakhe ezilahlekile.
“Uthe ulahlekelwe yizinhlamvu eziyisithupha. Kanti amaphoyisa aselutholile ulwazi lokuthi ngesikhathi kwenzeka isigameko udubule izikhawu eziyisithupha. Amthathe khona lapho ayomhloma ngemibuzo, kwaphetha ngokuthi avalelwe,” usho kanje. Uveze ukuthi ngaphambi kwalokho, umsolwa ubesetshele amaphoyisa ukuthi umufi uhlaselwe ngabasolwa abangaziwa kodwa futhi kwaba nguye kuqala okhombisa abantu ukuthi isidumbu sikamufi singakuphi.
Uthe bewumndeni balinde ukubona kwenzeka ubulungiswa ngoba abakaze bayibone into enje selokhu bazalwa.
“Umuntu abulale igazi lakhe? Asikaze siyizwe into enje,” kubabaza uMzelemu othe balindele ukuthi umthetho udlale indima yawo.
Uthe umsolwa ubesebenza njengonogada ngaphambi kokuba alahlekelwe umsebenzi ngasekupheleni konyaka odlule, wase eba umuntu ozihlalela ekhaya. Uthe isibhamu abulale ngaso umufi esakhe esisemthethweni.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakayiphenduli imibuzo ngalolu daba.
Related Topics: