Zikhala ezimathonsi izihlobo zababulewe amaphoyisa KwaBester, eNanda.
Image: Doctor Ngcobo / Independent Newspapers
Bebengena umuzi nomuzi bafune o-R50 njalo ngesonto, bathi yimali yokuvikela. Imizi eminingi ibiyikhipha le mali kodwa kungabi namehluko ngoba bebephinde babuye futhi bona laba bafana bazongena ebusuku, bathathe impahla.
Kuvela nokuthi bayingxenye yabasolwa abadubule babulala abantu ababili ebebehamba ngemoto iToyota Rumion KwaJina, eNanda, ngoLwesibili.
Uthe omunye wababulelwe ngaphambi kokuthi ashonele esigamekweni, uthinte umalume wakhe osezinhlakeni zokuqapha ubugebengu, wamtshela ukuthi obani ababahlasele.
Thola udaba oluphelele ephephandabeni lakusasa