LIZOKHANGISWA kabusha ithenda lokuthenga umshini omusha wokugaya amalayisensi okushayela
Image: Sigciniwe
UMNYANGO wezokuThutha kuzwelonke usamukele isinqumo seNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng sokuhoxisa ithenda yokuthengwa komshini omusha wokugaya amalayisensi okushayela.
Ngonyaka odlule umnyango wamemezela inkampani i-IDEMIA njengethole ithenda eyayikhangiswe ngo-2023.
Umbiko woMcwaningimabhuku Jikelele owaphuma ngasekuqaleni konyaka odlule waveza ukuthi kunokuningi okungalandelwanga kahle ngethenda nokwenza ukuthi umnyango uye enkantolo.
Imibiko yangaleso sikhathi yathi okunye okwakhalwa ngakho wukuthi ithimba elathunyelwa ukuthi liyobuka umshini owawuzothengwa labuka okungewona owawuzothengwa futhi lalisezweni elingafanele.
Umnyango wawulinganisele ukuthi ithenda izodla u-R486 million kodwa zonke izinkampani ezafaka zazibiza imali engaphezulu. Kwagcina kugunyazwe eye-IDEMIA ka-R898 million.
Esitatimendeni izolo, uNgqongqoshe uBarbara Creecy nePhini lakhe uMnuz Mkhuleko Hlengwa basamukele isinqumo senkantolo esikhishwe ngoLwesibili.
Bathe inkantolo inqume ukuthi ithenda iyahoxiswa futhi umnyango uyalelwe ukuthi ukhiphe isikhangiso esisha zingakapheli izinsuku ezingu-30. Umnyango uvunyelwe ukuthi usebenzise uMnyango wezaseKhaya ukugaya amalayisensi ngesikhathi kusalindwe ukuthi kuqokwe inkampani entsha.
Umshini wokugaya amalayisensi usuneminyaka ukhona futhi uhlale ufa kugcine kunokubambezeleka ekukhipheni amasha.
Umnyango, emuva kokuthi umshini ukade ufile ngoFebhuwari kuya kuMeyi nyakenye, wakwazi ukugaya owawusilele ngawo ngemuva kwagaywa angu-2 239 456 phakatthi kukaMeyi 8 noDisemba 8.
Uveze ukuthi aphasisiwe amakhadi amasha futhi sekuzoqala uhlelo lokuthi agunyazwe yikhabhinethi.
Related Topics: