UDJ Warras owabulawa maphakathi noDisemba
Image: Instagram
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick “DJ Warras” Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
UDJ Warras, ozakhele udumo emisakazweni ehlukene nakwithelevishini, kwashaqisa abaningi ukubulawa kwakhe ngaphandle kwamafulethi asenkabeni yedolobha eGoli.
Kuthiwa inkampani yakhe yayinikezwe umsebenzi wokugada amafulethi ayesedliwe ngenkani kubanikazi.
Izolo umsolwa ecaleni lokubulawa kwakhe uVictor Majola uvele okwesibili eNkantolo yeMantshi eGoli.
Uvele kafushane icala lakhe lahlehlliselwa uLwesibili oluzayo lapho kulindeleke khona ukuthi afake isicelo sokudedelwa ngebheyili.
Udadewabo kaWarras, uNicole Stock, utshele abezindaba ngaphandle kwenkantolo ukuthi sikhulu isikhala esivulekile emdenini ngokuhamba komfowabo.
UVictor Majola osolwa ngokubulala uDJ Warras uvele kafushane eNkantolo yeMantshi eGoli izolo
Image: Itumeleng English/Independent Newspapers
“Manje sekuqala ukukholakala. Isikhala siyabonakala futhi okuyiyona nto engavala leso sikhala wumthandazo noNkulunkulu. Yingakho sicele isizwe ukuthi sikhuleke nathi nokuthi sime nathi. Ngicabanga ukuthi yilokho okubalulekile ngoba njengamanje sidinga uNkulunkulu. Sidinga uJesu. Sidinga uthando. Sidinga ukwesekwa. Ukucasuka nokuziphindeselela ngeke kusiyise lapho esidinga ukuba khona. Kumele sithembe okuqhubekayo njengamanje,” kusho uNicole kuphuma izinyembezi emehlweni.
Ngesikhathi kuvele umsolwa enkantolo, kucelwe ukuthi kusuka ekuseni abantu bashintshe izithombe zabo ezinkundleni zokuxhumana bafake izithombe eziyisikwele esimhlophe.
Ngo-6 ntambama kuthiwe noma ngabe abantu bakuphi kodwa mabakhanyise ikhandlela bakhuleke.
Umkhankaso owaqalwa ezinsukwini ezingu-16 ezedlule kwi-BackaBuddy ngawo sekuqoqwe u-R154 560 ka-R1 million ohlosiwe.
Umbhalo ochaza ngawo uNicole uthe uqalwe ngemvume yomndeni. Ngowokusungula isikhwama samadodana kamufi esizoqalwa ngabameli bakwaHanekom Attorneys.