BALALISWE phansiababanjwe emngceleni bezama ukungena kuleli izolo eBeitbridge
Image: X
BABANJWE ngobuchwepheshe bama-drones abantu abevile ku-100 abebezama ukungena kuleli ngokungemthetho emngceleni iBeitbridge, besuka eZimbabwe.
Lokhu kuvezwe nguKhomishana weBorder Management Authority, uDkt Michael Masiapato, izolo emuva kokuboshwa kwabangu-30, abebezama ukufohla kuleli.
Uthe kusuka ngeSonto kuze kube izolo, sekuboshwe abantu abevile ku-100, abebezama ukungena kuleli ngokungemthetho.
"Sisizwa wubuchwepheshe besimanje bama-drones esibusebenzisayo ukuqapha emahlathini lapho bethubeleza khona. Sibabamba uma sebethi bengena kuleli, bese sibathatha siyobagingqisa izithupha ukuze babuyiselwe emazweni abo," usho kanje.
Uthe babalelwa ku-24 000 abantu abangena kulo mngcele nsuku zonke selokhu kuphele amaholidi abantu sebebuyela kuleli.
Uveze nokuthi abangobhongoza ekuholeni abasuke bengena kuleli, babavulela amacala ukuze bashushiswe.
"Kuboshwe abalisa ababili abayiswe esiteshini samaphoyisa iMusina, abebehola iqulu labebezama ukungena kuleli. Bebengazi ukuthi sisuke sibabuka kuma-drones behola iqulu elingena kuleli bese sibaxhakathisa uma sebesemngceleni wakuleli besuka eZimbabwe."
Uthe iqulu abalibophile leqe umfula iLimpopo lisuka eZimbabwe lisebenzisa isikebhe.
Ukhale ngokuthi amazwe angomakhelwane awenzi lutho ngabantu bawo abasuke beza kuleli ngokungemthetho.
"Siyazibonela ukuthi sibhekana kanjani nale nkinga ngoba amanye amazwe awenzi lutho ukunqanda ukungena kwabantu abasuka kula mazwe beza kuleli. Azikho izinhlelo azenzayo ukunqanda le nkinga."
Uthe abababuyisela emuva bathola isigwebo seminyaka emihlanu bengavunyelwa ukungena kuleli.
Kuhlale kukhalwa ngokuvuza kwemingcele kuleli njengoba abantu bokufika bezingenena baphinde baphume kalula.
UMasiapato uthe kunezinto ezingavumelekile ukuthi zingene kuleli abazibamba kulabo abasuke bezama ukufohla. Ubale izinto ezifana nezithelo okungumango, ama-aphula nezinye athe uma sezibanjiwe zicekelwa phansi.
Uthe bazoqhubeka nomkhankaso wokuqapha imingcele wathi balindele ukuthi sande isibalo sabantu abazobuya uma sekuzovulwa izikole ngesonto elizayo.
Uveze ukuthi sizokwanda isibalo sabazongena kuleli ikakhulu ngempelasonto njengoba kuvulwa ngelizayo.
Related Topics: