Izindaba

Kuphele amahlathi kuboshwa abane ePhoenix

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuboshwe abane ePhoenix

Image: Facebook

Abasolwa abane babanjwe ngamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) ngoLwesibili ntambama bevinjezelwa ku-Phoenix Highway ngaku-Stanmore Drive.

Imibiko yokuqala ikhomba ukuthi amaphoyisa abone iqeqebana labasolwa bekhombisa ukuziphatha okusolisayo. Ngesikhathi bebavimba abasolwa kuthiwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.  Umsolwa oyedwa ukwazile ukubalekela ukuboshwa, kwathi abane baboshwa.

Kutholwe nesibhamu sohlobo lwe-9mm endaweni yesigameko. Isibhamu esitholwe kubasolwa kukholakala ukuthi sihlobene necala lokubulala elenzeke eNanda ngoDisemba 2025. 

Okunye, kubikwa ukuthi ubedume kabi ngokugadla ezimotweni semali nobunkabi owesilisa obulewe amaphoyisa ngokusa kwanamhlanje.

Lo mlisa oneminyaka engu-49 ubudala kuthiwa ubeseMnambithi kodwa uthe ebona amaphoyisa wafela empunzini, ebaleka ngemoto.

Amaphoyisa amjahe aze amvimbezela esifundazweni esingumakhelwane ngezikhathi zasekuseni namhlanje. Kubukwa ukuthi kuqhume isibhamu ngesikhathi amaphoyisa ebhekene nomsolwa ezama ukuhlehla, ugcine eshayise imoto kwaba wukuma kwakhe.