Izindaba

Izinyunyana zichitha eyokumiswa kwabafundela ukusebenza emakhemisi

Gcwalisile Khanyile|Published

IZINYUNYANA zabasebenzi bezempilo KwaZulu-Natal, zichitha isinqumo soMnyango wezeMpilo esifundazweni, sokumisa uhlelo lokuqeqesha abasafunda abazosebenza emakhemisi nabanye abasebenzi bezempilo ngenxa yezinselelo zemali.

Esitatimendini esikhishwe nguMphathiswa walo Mnyango, uNksz Nomagugu Simelane, sithe noma bezimisele ukuqeqesha laba basebenzi kodwa ngenxa yezinkinga zemali baboshwe izandla.

"Ngenxa yalokhu sikwazi ukuqeqesha odokotela nabanye abasebenzi. Asikwazi ukusebenzisa imali esingenayo. Sibhekene nezinselelo zemali."

Uqinisekise abasafunda ukuthi abalumisile unomphela lolu hlelo ngoba uMnyango usemkhankasweni wokuhlwaya imali.

Uveze ukuthi bazobabeka eqhulwini laba basebenzi uma sekuvela imali.

Izinyunyana i-National Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) nePublic Servants Association of South Africa (PSA) zithe zizoxoxa noMnyango ngalolu daba.

UNobhala weNehawu, uMnuz Ayanda Zulu, uthe abahambisani nesinqumo soMnyango.

"Sizoxoxa noMnyango mayelana nalaba abasafunda abebezoqeqeshelwa lo msebenzi okumisiwe. Sakwenza kodokotela kanjalo nakubahlengikazi," usho kanje.

Uveze umbono wokuthi impi kumele bayibhekise eMnyangweni kaMgcinimafa.

"Kuncane uMnyango wezeMpilo ongakwenza ngenxa yokuthi uMgcinimafa ubeke imigomo eqinile ngasezimalini. Yingakho uma uNgqongqoshe wezeziMali esethula isabelomali sezwe ngenyanga ezayo, sizobhikisha ngaphandle kwesiShayamthetho sifuna kuvalwe zonke izikhala ngenxa yokuthi kunenhlekelele kwezempilo."

UMnuz Nkosinathi Thwala wePSA uthe nabo abahambisani nesinqumo soMnyango.

"Lesi sinqumo silimaza abantu abasha abachithe isikhathi sabo befunda ekubeni belindele ukuthi bazoqeqeshwa besebenza. Izwe libhekene nenkinga yentsha engasebenzi."

Ukhale ngokuthi uMnyango uyayiziba eyabasebenzi asebegugile.

"Uhulumeni uqhamuke nohlelo lokunxenxa abantu ukuthi basheshe bathathe umhlalaphansi. Baningi abazoshiya maduzane yingakho kubalulekile ukuthi kuqeqeshwe abasebancane."

Uthe bafuna uMnyango usibuyekeze ngokushesha lesi sinqumo.

"Sifuna uMnyango ukhulume namaSector Education and Training Authorities (SETAs), ukuze kuxhaswe izinhlelo zentsha. Umsebenzi walezi zinhlangano ukuxhasa abantu abasha banikwe amathuba omsebenzi."