Izindaba

Intukuthelo kubekwa 'inkosi phezu kwenye' esizweni samaBhaca

Nkosikhona Cele|Published

INKOSI Xolani Zulu Ihlezi noMphathiswa wezokuBusa nokuBambisana KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi ngelanga ibekwa

Image: SIGCINIWE

SEKUQUBE uvalo ebantwini baseMzimkhulu abangamaBhaca ngemuva kokuba kwethulwe enye inkosi ekubeni ikhona inkosi ebusa endaweni.

NgoDisemba 30, kube nendumezulu yembizo lapho khona uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, obuzokwethula khona ngokusemthethweni uMnuz uXolani Zulu njengeNkosi yaseMfulamhle, okuyindawo engaphansi koMzimkhulu.

Le mbizo iqhubeke ngaphezulu kokuba amaBhaca asekuveze kaningi ukuthi kawahambisani nokubekwa kukaZulu njengenkosi yakule ndawo.

Esithangami sabezindaba esabizwa yiNkosi yamaBhaca yaseMzimkhulu, uNtobeko Msingaphantsi, yezwakalisa ukuphoxeka kwayo okukhulu ngezindaba zokuthi uZulu uzobekwa abe yinkosi eMfulamhle.

UMsingaphantsi wachaza lokhu njengento eyimbudane wase ehlaba ehlikiza uMphathiswa woMnyango wezokuBusa, uMfu Thulasizwe Buthelezi, wathi uyena odala uqhekeko esizweni samaBhaca.

UMnyango waziphendulela ngalezi zinsolo uzichitha kodwa wathi uyazi ngodaba lwaseMfulamhle, eMzimkhulu. Kwakuphawula uMnuz Senzelwe Mzila okhulumela lo Mnyango.

Nokho njengoba ukwethulwa kukaZulu kugcine kwenzekile, umphakathi uvutha ungabaselwe njengoba ukholwa ukuthi uyachwenswa futhi usola uMnyango wezokuBusa ngemizamo yokudla ngodli isizwe samaBhaca.

Inkosi uMsingaphantsi ikhuluma neSolezwe izolo, ifunge yagomela yathi lokhu okwenzekayo manje kuzodala ukuthi kube noqhekeko esizweni samaBhaca, kungagcini lapho aphinde aqothane wodwa.

UMsingaphantsi uthe uyafunga, angeke aze agcotshwe uZulu yena esadla anhlamvana, wathi angamane anikele ngeyakhe impilo. Uthe uma evumela lokhu abantu bayobuza yena ukuthi wathula wathini kuhlakazwa amaBhaca aseMzimkhulu?

''Okubuhlungu ukuthi amaBhaca aqhathwa ngumuntu okuhulumeni. Inkinga ukuthi uzowaqhatha ebese eshiya kanjalo kugobhoza igazi ebese eyaqhela emva kwalokho,'' usho kanjena ezwakala ukuthi ugcwele intukuthelo.

Uthe kuyamxaka ukuthi uZulu angabekwa kanjani njengenkosi endaweni yenkosi futhi ngokuzalwa ebe engowaKwaNokweja, eXobho?

 ''Angiyazi le nto mina futhi uma kukhulunywa ngayo ngivele ngizizwe ngithuthumela kakhulu kunakuqala ngoba iyangicasula futhi kakhulu kabi. Okungicika kakhulu ukuthi uButhelezi wasibiza ezositshela ngoZulu samchitha, kodwa uyaphikelela ngoba unezinhloso anazo,'' usho kanje.

Uveze ukuthi ngelanga lokubekwa kukaZulu, uyena owawanqanda amabutho amaBhaca ayethukuthele egane unwabu sekusele kancane ukuba agasele emcimbini.

''Yimina lo owanqanda amabutho ngathi mawabuye. Ukube angizange ngikwenze lokho, awungitshele nje ukuthi kwakuyokwenzekani? Ngeke yini ligobhoze igazi uma kunjena, ngiyabuza?”

Uthi ngesikhathi uButhelezi ebatshela ngoZulu wathi kuyaphoqa ukuba abekwe njengenkosi ngoba uyise ongasekho wayengamathe nolimu neSilo esesabuza uMdlokombane.

''Thina siyakweshwama nje ukuthi umuntu unikwa ubukhosi ngoba nakhu uyise wayezwana neSilo. Umsangano muni nje lona ngempela?”

Eqhuba uthe okumcike kakhulu ukuthi ezikhangisweni zoMnyango ngaphambi komcimbi, bekuvela sengathi uButhelezi uzokwenza umcimbi kaKhisimusi wezaguga, gwiqiqi sekwethulwa uZulu njengeNkosi yaseMfulamhle.

''Kusho ukuthi uButhelezi ubazi kahle ukuthi ubezokwenzani laphaya eMfulamhle,” kusho uMsingaphantsi.

“Namhlanje sizogcina usiko njengoba inkosi yenu iye eNdlunkulu kaZulu yayothela amanzi lapho bekuyohlanjululwa khona isihlalo sikayise ihamba nomndeni. Inkosi beyingeyodwa ngesikhathi kwenziwa lolu siko, bekukhona amanye amakhosi amahlanu. Usiko lokuthela amanzi kalwenziwa unoma ngubani ngoba yilona olucacisayo ukuthi iNgonyama iyayemukela inkosi yaphinde yangeniswa esibayeni yathelwa ngenyongo,'' kusho uButhelezi ekhuluma emcimbini wokubeka uZulu.

UMntwana uThulani Thulu okhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini naye ekhuluma kulo mcimbi, ukwamukele ukubekwa kukaZulu. 

“Uyise wenkosi esihlangene ngayo lapha oqale ukubuyisela ubudlelwano neNdlunkulu kaZulu nangaphambi kokuba uMzimkhulu ubuyiselwe ngaphansi kwesifundazwe. Ubukhosi balapha eMfulamhle buphelele, kabushodi ngalutho njengoba bukwazi nokuzenzela uMkhosi wokweShwama. Njengoba neNkosi uXolani enzelwe nosiko lokuthela amanzi kusho ukuthi ubukhosi balapha ekhaya buphelele” kuchaza uMntwana uThulani.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa neziNdaba zoMdabu KwaZulu Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe uMnyango usamile kowakusho ngaphambilini, okuthi kalikho iphutha ekubekweni kukaZulu njengeNkosi yaseMfulamhle.

inkosi uNtobeko Msingaphantsi

Image: SITHUNYELWE