Izindaba

Elinye ithuba kwabazokhala ngaphansi ka-matric

Mhlengi Shangase|Published

ITHUBA lesibili lokubhala kubafundi abazothola imiphumela engagculisi kwa-matric ngesonto elizayo

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo usukhumbuze abazokhala ngaphansi kwa-matric ukuthi bangatatazeli njengoba kunohlelo lokuthi baphinde babhale.

Ngokwalo mnyango, lolu hlelo olwaziwa nge-Second Chance, lumahhala akukhokhwa mali ukuze ubhale. Lolu hlelo lusiza labo abafeyile u-matric, abafuna ukuchibiyela leli banga ngoba kunezifundo abangaziphasanga kahle.

Luphinde lusize labo bafundi abasafuna ukubhala u-matric omdala.

Ngokomyalezo okhishwe umnyango ezinkundleni zokuxhumana, uveze ukuthi lezi zivivinyo zibhalwa kanye, ngoMeyi/Juni.

Umyalezo uthe akukho sikhungo esikhokhisa ukufundisa abafundi abazochibiyela.

"Abafuna ukuphucula izifundo zabo, nabafuna ukuphinde babhale kabusha izifundo  bangabhalisela ukubhala lezi zivivinyo. Lokhu kusiza ekutheni abanye bayakwazi ukuthola imifundaze, abanye bayakwazi ukuyofuna imisebenzi ngamamaki amahle," kusho umnyango.

Abafuna ukubhala lezi zivivinyo banxuswe ukuthi basheshe balande imiphumela yabo uma befuna ukubhalisela izivivinyo.

UNgqongqoshe wezeMfundo, uNksz Siviwe Gwarube, uzomemezela imiphumela ka-matric ngoMsombuluko ozayo, ntambama. Ngakusasa ngoLwesibili abafundi bazobe sebeyithola ezikoleni zabo imiphumela.

Abangeneme ngemiphumela yabo bayalelwe ukuthi bafake izikhalazo ezinsukwini ezingu-30, ikhishiwe.

Abangenzanga kahle noma abafuna ukuphinde babhale ngoMeyi/Juni, kumele babe sebebhalisile ngoFebhuwari 6, 2026. 

Izikhulu zomnyango, zike zakuveza ukukhathazeka kwazo ngokugqoza kwalabo abasuke bebhalisele ukubhala ngoMeyi/Juni. Okunye ezike zakhala ngakho ukulova kwalabo ababhala ngasese minyaka yonke ezikoleni.

Kuzokhumbuleka ukuthi kunabafundi ababhala ngokugcwele nababhala ngasese minyaka yonke kwa-matric. Ababhala ngasese abanye babo basuke bengafundi ngokugcwele ezikoleni. 

Ibhekwe ngabomvu imiphumela ka-matric ezomenyezelwa ngelizayo njengoba uNksz Gwarube kumele amemezele nezinyathelo ezizothathelwa abakopele u-matric. Kunophenyo oluqhubekayo ngemuva kokuputshuka kwamaphepha eMaths, English neSayensi ngesikhathi kubhalwa nyakenye.

Kumiswe abasebenzi ababili emnyangweni, omunye wabo osolwa ngokuputshuza la maphepha wawanika omunye uzakwabo onengane ebibhala u-matric. La maphepha abe esesabalala ezikoleni ezimbalwa ePitoli.