Izindaba

Bevile esigidini abazoxhaswa yiNSFAS kulo nyaka

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela unxuse abafundi ukuthi bakhethe namakolishi amakhono amaTVET, bangagxili kuphela emanyuvesi

Image: Siyabulela Duda

BANGAPHEZU kuka-1 million abazoxhaswa yisikhwama, iNational Students Financial Aid Scheme (NSFAS), ukuqhuba izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme kulo nyaka.

Kulaba kubalwa nabangu-600 000 abazobe beqala ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Lokhu kuvezwe yisitatimende seNSFAS ngesikhathi ikhipha izibalo zabathole uxhaso kulesi sikhwama.

Kuvele ukuthi bangu-893 847 abafake izicelo zoxhaso kulo nyaka kulesi sikhwama.

"Bangu-49 538 abangazange bahlangabezane nemibandela yokuthola uxhaso. Kunabangu-218 043 okusalindwe ukuthi balethe eminye imininingwane, ukuze kubhekwe ukuthi bayaluthola noma abalutholi uxhaso," kusho iNSFAS.

Ithe abangu-16 863 bahoxise izicelo zokufuna uxhaso.

"Banikwe izinsuku ezingu-30, ukuthi balethe eminye imininingwane kulabo okusalindwe zonke izimfanelo zabo. Kwabaqalayo ukuthola uxhaso kumele bathole nezimpendulo ezivela ezikhungweni zemfundo ukuthi bamukelwe, uma sekukhishwe imiphumela ka-matric," kusho iNSFAS.

Imiphumela ka-matric izokhishwa ngoJanuwari 13. UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uzomemezela imiphumela ka-matric ngoJanuwari 12, ebusuku.

I-NSFAS iveze nokuthi bangu-416 668 abebevele bexhasiwe nyakenye, abaphinde baluthola uxhaso.

"Kunabangu-129 264 abebexhasiwe nyakenye, abangeke baluthole uxhaso ngenxa yokuthi abazange baphase. Lokhu kusho ukuthi abahlangabezananga nemigomo ebekiwe yokuthi bangaphinde baxhaswe." 

I-NSFAS ithe labo abakhale ngaphansi bangaluthola uxhaso bangafaka izicelo zokuthi kubuyekezwe lesi sinqumo.

Iveze nokuthi izomemezela izibalo zabazoxhaswa kwabebefunda emakolishi amakhono ama-TVET, uma sekuphume imiphumela ngoJanuwari 13.

Mayelana nomastende abebengakakhokhelwa kuze kube yimanje, abalesi sikhwama banxuse ukuthi balethe izimfanelo zabo eziveza ukuthi bayakweletwa.

'Sizimisele ukuqinisekisa ukuthi bonke omastende bakhokhelwe. Labo abangakhokhelwe abalethe izimfanelo zabo besebenzisa izinhlelo ezibekiwe."

I-NSFAS iveze nokuthi iyazi bamagange abafundi abebenza u-matric, abalinde ngabomvu imiphumela yabo.

"Sifisela inhlanhla kubona bonke abafundi abebenza u-matric, abalinde imiphumela yabo. Siyazi ukuthi isikhathi esinzima lesi esihambisana novalo nethemba njengoba nilinde le miphumela. Sime ngomumo ukweseka labo abaqala ikhasi elisha empilweni lokuya ezikhungweni zemfundo ephakeme." 

UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela uhlale enxenxa abafundi ukuthi bakhethe namaTVET bangagxili kuphela emanyuvesi.