BAKHUNGATHEKILE ngobulawe emva kokutshela umndeni ukuthi uyasongelwa
Image: SIGCINIWE
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho ngemuva kokuba edutshulwe wafa emva kokusongelwa ngokuthi ngeke aze awubone unyaka omusha ngisho esethanda.
Umufi, uMnuz Zwakele Gumbi (43), Isolezwe lithole ukuthi udutshulwe ngabantu abangaziwa esegcekeni lakubo ntambama ngosuku lokuqala onyakeni.
Kuvela ukuthi umufi ubenendlu yakhe yedwa kubo abamhlasele ezihlalele kuyona.
UNksz Zama Gumbi ongudadewabo kamufi uthe kungene abesilisa ababili egcekeni begijima baqonda ngqo endlini kamufi bafike bamdubula.
Uthe bamfice kahle elele evule umnyango.
“Umfowethu ubekuthanda ukulala evule umnyango kwesinye isikhathi, umama ubeke amkhuze amtshele ukuthi akovala umnyango uma eselala. Kodwa ubeqhubeka akwenze lokho ngoba bekuyinto ebethanda nje ukuyenza,” usho kanjena.
Eqhuba uthe bezwe sekuzamula inganono nje amahlandla amathathu base bebona abesilisa bephuma bebaleka bebheke ngasesangweni elikhulu.
''Laba besilisa baphume sebegijima izibhamu beziphethe ngezandla. Kuthe uma siphuma siyobheka umfowethu samfica eselele phezu kwegazi phansi. Bamdubule kabi esiphongweni nasesifubeni,” kuchaza yena.
Uthe akukho abakuthathile endlini okufakazela khona ukuthi bebefuna umphefumulo wakhe nje kuphela.
Uthe ngabe uqamba amanga uma engathi bayabazi abenzi bobubi, bebeqala ukubabona. Uthe bashaqekile kakhulu ngendlela okwenzeke ngayo.
''Besingakulindele ukuthi umfowethu angamane abulawe nje kalula kanjalo kube sengathi kunqunywa inkukhu nje. Impela abanye abantu bayakwazi ukwenza into yabo futhi kabasenanembeza sebemane bakhiphe umphefumulo womuntu nje kube sengathi bakhipha umphefumulo wegundane,” kusho yena.
Utshele Isolezwe ukuthi umfowabo yize ebengumuntu wokuthula noxolo kodwa uke wabatshela ukuthi kukhona abathile abamsongela ngokuthi ngeke aze awubone unyaka omusha.
''BekunguNovemba umfowethu esitshela ekhaya ukuthi kunabathile abasonga ngokuthi bazombulala ngeke aze awufice unyaka omusha. Waze wahlengezela izinyembezi ngesikhathi esitshela lokhu,” kuchaza yena.
Uqhube wathi kodwa umfowabo wala waphetha ukubatshela uma bembuza ukuthi ngobani labo futhi ubangani nabo.
''Wamane wasiphendula ngokuthi kwenele ukuthi usitshelile iqiniso ukuze singathuki uma kwenzeka ehamba emhlabeni. Nathi akubanga lula nhlobo ukuthi siqhubeke nokuthi simbuze imibuzo eminingi ngoba isimo sakhe sasithusa kakhulu,” kuchaza yena.
Uthe yize abatshela lokhu umufi kodwa belikhona ithemba lokuthi mhlawumbe yinto engeke yenzeke wayemane ezisholo nje.
“Yize asitshela sakhuluma ngakho sisodwa kodwa sacabanga ukuthi yinto edlulayo futhi ezogcina ingazange yenzeke nhlobo. Sasingazi ukuthi simane siyazikhohlisa nje ingane yakwethu ngampela kabadlali uma bethi ngeke iwubone unyaka omusha,” usho kanjena.
Uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi kuyimanje badukuza ebumnyameni ngokuthi ngobani abambulele.
Uthe bafisa ukuthi ngabe bamphoqa umufi ukuba agonyuluke ngakho konke ukuze babe nesithombe esigcwele sokuthi kwenzekani?
"Manje akusasizi ukuthi sibalise ngokuthi asizange simphoqe ngoba vele selidume lamthatha,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi umfowabo ubeneziqu zobuthishela kodwa ubengakaze abe nenhlanhla yokuthola umsebenzi. Uthe ubeziphilisa ngesitolo ebesikhona egcekeni asiqala eminyakeni emine eyedlule.
''Isitolo sakhe besenza kahle ngoba nathi besibona ukuthi unabo abathengi futhi nenzuzo iyabonakala. Ngabe sisola sona kodwa asikhumbuli esixoxela ukuthi kukhona abanganeme ngenxa yaso,” kuchaza yena.
Uthe nomphakathi ubesebenzisana nawo kahle kakhulu njengoba ebephinde abakweletele abangenayo imali.
“Ubekwazi umfowethu ukusebenzisana nabathengi bakhe yingakho nje nabo bebengapheli bezothenga kuyena,” kusho yena.
Uthe sebethembe amaphoyisa ukuthi athole abenzi bobubi bese bebhadla ijele. Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukuthi kunowesilisa odutshulwe wafa eXobho. Athe kuphenywa icala lokubulala futhi kuthungathwa abasolwa.