UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ngesikhathi ehlangene nowaseMelika Donald Trump ngonyaka odlule
Image: AFP
AKANAVALO lokuthi iMelika ingahlasela elakuleli, uMengameli Cyril Ramaphosa, njengoba muva nje uhulumeni kaMengameli Donald Trump, uhlasela amazwe ahlukene.
URamaphosa obekhuluma nabezindaba ngemuva kwesikhumbuzo somholi weSACP ongasekho uMnuz Joe Slovo izolo, eSoweto, uthe akanavalo lokuthi iMelika ingase ihlasele elakuleli kulandela ukugasela eVenezuela, lapho ishaqe uMengameli wakhona, uMnuz Nicolas Maduro, yabopha nowakwakhe.
"Angithukile ukuthi uhulumeni kaMengameli Donald Trump ungasihlasela. Asihambisani nakwenze eVenezuela, akudedelwe ngokushesha umengameli wakhona nowakwakhe," usho kanje.
Kuyaziwa ukuthi uTrump akayiziswisi kahle indaba yakuleli, kulandela izinsolo zokuthi kuhlukunyezwa abalimi abamhlophe okuthathwa umhlaba wabo ngendlakadla.
Lucace bha uqhekeko kulesi sikhumbuzo ngesikhathi isigejana samalungu amaKhomanisi, ecula ingoma ethi awayifuni iGNU, ngesikhathi sekuzokhuluma uRamaphosa.
Kudingeke ukuthi iPhini likaSihlalo wamaKhomanisi, uMnuz Thulas Nxesi, lincenge lesi sigejana ukuthi noma singayifuni iGNU kodwa asivumele uRamaphosa akhulume.
"Noma ningayifuni iGNU, yekelani uMengameli we-ANC ukuthi athule inkulumo. Ningenzi into eniyibona yenziwa kwezinye izinhlangano," kunxusa uNxesi.
Kube sekuba nelinye iqulu elihlabelele ingoma eyeseka uRamaphosa, ethi bayamthanda futhi bayameseka.
URamaphosa, esethula inkulumo kulo mcimbi obusemalibeni okufihlwe kuwona amaqhawe, i-Heroes’ Acre, Avalon Cemetery, uthe kuzoba yiphutha elikhulu emlandweni ukuthi amaKhomanisi angenele ukhetho ngokuzimela.
"Siyasihlonipha isinqumo sokuthi amaKhomanisi azimele okhethweni kodwa asihambisani naso. Lesi sinyathelo sizontengisa amadlelandawonye, sizodida nabantu abangeke bazi ukuthi bazovotela bani. Sizosibeka engcupheni yokuthi silahlekelwe amandla ombuso," usho kanje.
Uthe bazoqhubeka baxoxe neSACP ngalesi sinyathelo ngoba kudingeka kubunjwane.
"Siyayimema iSACP ukuthi ibe yingxenye yomgubho we-ANC iJanuwari 8 ngempelasonto. Phumani ngobuningi benu nize emgubhweni we-ANC, njengoba nathi siphume ngobuningi ukuzothamela isikhumbuzo sikaSlovo."
URamaphosa uthe kumele balwele into eyodwa ukuthi bakhulule abantu ebubheni.
UNobhala Jikelele weSACP, uMnuz Solly Mapaila, uxolisile kuRamaphosa ngokwenzekile ngaphambi kokuba athule inkulumo, wathi usehhewulwe izikhawu eziningi yiziwengu ze-ANC selokhu bamemezela ukuthi bazongenela ukhetho.
Uveze ukuthi abajiki, bahlabela phambili nesinqumo sokungenela ukhetho.
"Asidali qhekeko ngalesi sinqumo sokungenela ukhetho sodwa. Sihlale sifuna kube nobumbano kumadlelandawonye. Asizondi noma asiqonde muntu ngalesi sinqumo sokuzimela okhethweni," usho kanje.
Uchithe nokuthi ufuqa umkhankaso wokuzimela okhethweni ngoba efuna ukujutshelwa kuhulumeni.
"Angifune kuya kuhulumeni mina. Baningi abanye omengameli ababenginxenxa ukuthi ngibe yingxenye yeKhabhinethi kodwa nginqabe. NamaKhomanisi aseke ayiphakamisa eyokuthi ngiye kuhulumeni kodwa ngiwachithe ngoba yinto engingayiboni ngiyenza okwamanje. Mhlawumbe ngomuso yinto engingayenza kodwa hhayi manje."
Uthe amadlelandawonye abhekene nezingqinamba okumele zilungiswe.
"Sizoba yingxenye yomgubho we-ANC, mengameli, ngempelasonto. Siyohleli siyingxenye yamadlelandawonye, noma singenela ukhetho," usho kanje.