UVictor Majola obhekene necala lokubulala
Image: Itumeleng English
Inkantolo yeMantshi yaseGoli isihlehlisele uJanuwari 13 isicelo sokudedelwa ngebheyili kukayinkantolo kukaVictor Majola osolwa ngokubulala uDJ Warras ngoDisemba.
UWarras (40) wadutshulwa wabulawa enkabeni yeGoli ngaphandle kwebhilidi lamaflethi inkampani yakhe yonogada eyayinikelwe umsebenzi wokuphonsa iso kulo.
UMajola (44), obhekene necala lokubulala okuhleliwe netulo lokubulala, udlele uKhisimuzi noNcibijane ezikhindini njengoba aboshwa emasontweni amabili edlule.
NgoLwesibili ekuseni uvele kafushane enkantolo kodwa umbuso wacela ukuthi ukulalelwa kwesicelo sakhe kuhlehliselwe isonto elizayo.
Imantshi imbuzile ukuthi uke waluthola yini usizo lwezempilo ejele iJohannesburg Prison njengoba elimele. Uvumile ukuthi udokotela umbone izolo esho ngoMsombuluko.
Enkantolo icala belithanyelwe nawudadewabo kaWarras, uNicole Stock, othe ukubulawa kwakhe kushiye esikhulu isikhala emndenini.
Related Topics: