Kuboshwe owokufika ngokushushumbisa abafana eGoli
Image: Sigciniwe
Umkhankaso wokusebenzisana ohlanganisa iFox Security, i-JHB Metro Police, i-SAPS nophiko loKlebe oluphenya ukushushumbIswa kwabantu iSerious Organised Crime Investigation uholele ekuboshweni kowesilisa wangaphandle oneminyaka engu-47 ubudala enkabeni yeGoli kwaphinde kwahlengwa ngempumelelo abafana abayishumi.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi amaphoyisa eJMPD esebenza ezitaladini zaseGoli, athole umbiko ngequlu Labafana elisolisayo eduze noBroad Street, eMulbarton. Ngemva kwemibuzo eyengeziwe, la maphoyisa athole ukuthi laba Bafana babuya kwamanye amazwe futhi abakwazi ukukhuluma isiNgisi.
Amaphoyisa aphinde abikelwa ukuthi kukhona abanye abafana ababili asebethathwe ngemoto yohlobo lwe-VW Jetta eluhlaza okwesibhakabhaka. Imoto ibanjwe ngokuhamba kwesikhathi emgwaqeni, kodwa umshayeli wabaleka, nokwaholele ekutheni ajahwe Waze wabanjwa kuCommissioner Street waboshwa futhi kwahlengwa abafana ababili abebesemotweni benqunu.
Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseBooysens ngoLwesine, 08 Januwari 2025 ngamacala okuba kuleli ngokungemthetho kanye nezinsolo zokushushumbisa abantu.
Olunye uphenyo luyaqhubeka.