Izindaba

I-Blaq Diamond iveza okwenze yangalubhada koweGagasi

CHARLES KHUZWAYO|Published

UDANYA Devs noNdu Browns beBlaq Diamond bathembisa ukuxolisa ngekhonsathi kubalandeli babo

Image: SIGCINIWE

IZIHLABANI ze-Afro pop zaseMnambithi, uSphelele "Danya Devs" Dunywa noNdumiso "Ndu Browns" Mdletshe zizehlisile zaxolisa kubalandeli bazo nakubagqugquzeli beGagasi FM Summer Sessions ebiseKhazin's Shisanyama eNewcastle ngoDisemba 28.

UDanya (31) noNdu (31) beBlaq Diamond baxolise kakhulu ngokungafiki kule ndumezulu yomcimbi, bathi ubuhixihixi badalwa wukubhedelwa yimoto ababesuka ngayo eGoli.

Ngokwesitatimende esisatshalaliswe yinkampani ebaphethe, Umuthi Group, laba baculi benza konke okusemandleni ukuze babe yingxenye yalo mcimbi kodwa isimo saphika.

"Phezu kwayoyonke imizamo esayenzayo futhi silokhu sixhumana nethimba leGagasi FM, ngebhadi sahluleka sancama (ukufinyelela emcimbini)."

Nakuba kunjalo leli qembu lithembise ukuthoba izinhliziyo zabantu, ebebemagange befuna ukubona iBlaq Diamond yenza edume ngakho, ngekhonsathi okuzongenwa kuyo bhusende. Yize iBlaq Diamond ingaludalulanga usuku kodwa iqinisekise ukuthi khona maduze izobe inandisa eNewcastle.

Ixolisa nje iBlaq Diamond, iGagasi beliqeda kusabisa ngokuthathela leli qembu kanye noGoldmax, izinyathelo zomthetho ngokungalubhadi emcimbini.

Ngokusho kwesitatimende salo msakazo ozinze eCornubia Mall, laba baculi bebeqashelwe ukuba banandise bukhoma kulo mcimbi.

Ukungafiki kwabo kwenze lo msakazo owenza inzuzo wabona kungcono ubaqondise ubugwegwe. Wabuye wadlulisa ukuxolisa kubalaleli bawo ngokungafiki kukaGoldmax neBlaq Diamond.

IGAGASI FM

Image: SIGCINIWE