Zinoju kubashayeli kwehla intengo kaphethiloli
Image: Karen Sandison / Independent Media
Abantu baseNingizimu Afrika bangalindela ukwehla kwentengo kaphethiloli kuleli sonto, njengoba ukuqina kwerandi kanye nentengo ephansi kawoyela wamazwe ngamazwe kuholele ekwehleni okukhulu kukaphethiloli nodizili.
Imininingwane yokuphela kwenyanga evela eSikhwameni Samandla Esikhulu (i-CEF) ikhomba ekwehleni kwentengo kaphethiloli phakathi kwamasenti angu-62 ilitha ku-93 Unleaded kanye no-66 cents ku-95 Unleaded.
Udizili ufuna ukwehliswa kwentengo ngo-R1.36 ngo-500ppm no-R1.49 ngo-50ppm. Lokhu kuncipha kuzoletha amanani asogwini e-95 Unleaded kanye no-50ppm kadizili emazingeni azo aphansi kakhulu kusukela ngoFebhuwari 2022.
Ilitha ye-95 Unleaded kulindeleke ukuthi ibize u-R19.92 ogwini kusukela ngoLwesithathu, okuyibeka ngaphansi kuka-R20 okokuqala ngqa cishe eminyakeni emine.
Abasezifundeni ezimaphakathi nezwe bazokhokha u-R20.75 nge-95 ULP kanye no-R20.64 ngo-93 ULP.