UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ozomemezela imiphumela ka-matric ngelizayo
Image: Basic Education Department / X
UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo usuchithe ukuthi siyehla isithunzi sesitifiketi sika-matric kuleli, ngenxa yezehlakalo zokuputshuka kwamaphepha minyaka yonke.
UMnyango usugxeke iqembu i-Freedom Front Plus (VF Plus), ethe liyehla izinga lalesi sitifiketi emva kokuputshuka kwamaphepha ezifundo okubalwa iMaths, Sayensi ne-English kwezinye zezikole ePitoli. Kusolwa ukuthi la maphepha akhishwa ngesinye sezisebenzi zasophikweni lwezivivinyo emnyangweni. Zimbili izisebenzi zalo mnyango ezimisiwe ngenxa yalokhu kuputshuka kwalawa maphepha.
Umqondisi jikelele eMnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli, uthe isehlakalo esisodwa akumele singcolise zonke izivivinyo.
Uthe bayalwa nokuputshuka kwamaphepha njengoba bejube nethimba eliyisipesheli, eliphenya lezi zinsolo.
"Sivule amacala emaphoyiseni ukuze kuphenywe lezi zinsolo. UMnyango okwazi ukubamba indaba yokuthi kunamaphepha aputshukile, sazisa nesizwe ngezinhlelo nezinyathelo esizozithatha. Ukuputshuka kwamaphepha akwenzeki kuphela emfundweni eyenganyelwe nguhulumeni kodwa neyezikole ezizimele kuyenzeka."
Uthe isitifiketi sakuleli sihambisana nezinye zakwamanye amazwe.
"Ngisho nakwamanye amazwe kuyavela ukuthi amaphepha ayaputshuka, okusuke kuhlanganisa nothisha kanjalo nezikhulu. Yizinselelo ezibhekene nazo zonke izikhungo ezibhalisa izivivinyo," kusho uMweli.
Uthe kuleli izikole ezizimele zibhala izivivinyo ngaphansi kwebhodi i-Independent Examinations Board (IEB), neSouth African Comprehensive Assessment Institute (SACAI).
"Abafundi abangu-29 632 basezikoleni ezingu-579 ezizimele, babhale izivivinyo zikahulumeni kwathi abangu-17 427 babhala ngaphansi kwe-IEB. Bangu-903 561 abafundi ababhale izivivinyo ezisethwe nguhulumeni ka-matric ngo-2025."
Uthe lokhu kuveza ngokusobala ukuthi baningi abathembele ezivivinyweni ezisethwe nguhulumeni kuleli.
"Ngakho izehlakalo ezimbalwa zokuputshuka kwamaphepha ngeke sivume ukuthi zingcolise zonke izivivinyo kuleli. Amanyuvesi nabaqashi bayaqhubeka nokuthemba izivivinyo zakuleli."
UMweli uthe akulona iqiniso ukuthi liyehla izinga lika-matric kuleli ngenxa yokuthi kuputshuke amaphepha ezikoleni ezimbalwa.
"Siyaqhubeka nokuqapha ngelokhozi nokuqinisekisa ukuthi u-matric usezingeni lomhlaba. Siyakuchitha okushiwo osomathuba abangezi nento ephathekayo ezinsolweni abazenzayo ngo-matric wakuleli."
Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, amemezele izinyathelo ezizothathelwa abafundi abasolwa ngokukopela.
Lokhu kulindeleke ukuthi akwenze uma esememezela izinga lokuphasa lika-matric, ngoMsombuluko ozayo.
NgoLwesibili, ngoJanuwari 13, imiphumela ka-matric izobe isikhishwa ezifundazweni ukuze abafundi bakwazi ukuyilanda.
Related Topics: