Izibhamu ezitholwe kubasolwa abadutshulwe amaphoyisa
Image: SAPS
Ngokusa kwangoMsombuluko abasolwa ababili badutshulwe bafa babhekene namaphoyisa endaweni yase-Uvongo kwatholakala nezibhamu ezinhlanu ezingekho emthethweni okubalwa kuzo nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK47.
Amaphoyisa abesebenza ngokobunhloli ngabantu abaphethe izibhamu ezingekho emthethweni. Amaphoyisa asondele kulo muzi obekuhloswe kuwo abika ukuthi akhona kodwa kwangaba nampendulo ngaphakathi.
La malungu angena endlini abingelelwa abantu ababili abebengaphakathi endlini badubula bebhekise emaphoyiseni. Amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu kwalimala abasolwa ababili.
Kutholwe izibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK 47 kanye namavolovolo amathathu. Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi sokudubulana.