Izindaba

Abangcwabi abayingeni 'eyabafele emanyaleni'

Zimbili Vilakazi|Published

BEKWETHULWA ngokusemthethweni indawo yokungcwaba entsha yeCebolethu

Image: SIBONELO NGCOBO : INDEPENDENT MEDIA

UMFELANDAWONYE wezinhlangano zabangcwabi sezixwayise abantu ukuthi baqikelele ukufundisisa imigomo nemibandela uma bejoyina omasingcwabisane ukuze bazi ukuthi umuntu ukhokhelwa uma kunjani.

USihlalo walo mfelandawonye i-Unification Task Team, uMnuz Muzi Hlengwa, uthe abantu bakushaya indiva ukufundisisa yonke imigomo bese bekhala uma sebethola ukuthi ezinye izinto azikhaviwe ngaphansi komasingcwabisane.

UHlengwa usho lokhu kulandela ukugxekwa kwenkampani kamasingcwabisane, Icebolethu Group, okuthiwa inqabe ukukhokhela isicelo sokungcwatshelwa umufi okuthiwa ufe ezibandakanya ebugebengwini. 

NgokweCebolethu, umufi ufe ngesikhathi kukhona ukudubulana phakathi kwabantu ebebesemotweni abehamba ngayo namaphoyisa. Le nkampami idalule nokuthi kuleyo moto bekukhona umuntu obethunjiwe, elayishwe ebhuthini, yathi ngokombiko wamaphoyisa, nomufi obephakathi emotweni, ubeyingxenye yalobu bugebengu.

Ecacisa lokhu uHlengwa, uthe akukho okungafanele okwenziwe yiCebolethu. Uthe izinkampani zomasingcwabisane njengoba zisuke zamukela amalungu ngaphansi kwazo, zingena esivumelwaneni sokuthi zizokhokha noma zizongcwaba uma umuntu eseshonile, nazo zisuke zijoyine ezinkampanini zemishwalense.

“Lezo zinkampani zemishwalense zinemigomo nemibandela. Zinohla lwemibandela ezinquma ukuthi ngeke zikhokhe uma umuntu efe ngaphansi kwaleyo mibandela. Uma umngcwabi esefaka ke isicelo sokuthi inkampani yomshwalense ikhokhe, inqaba, naye usuke engeke akwazi ukungcwaba umufi,” kusho uHlengwa.

Uthe bekuke kwenzeke abanye abangcwabi babenze ubuntu, bashaye ephaketheni labo, bamngcwabe umufi uma kwehle lowo mshophi.

“Kodwa manje sekuvele kube nzima ngoba izicelo ezichithwayo ngenxa yalokhu sezivele zibe ningi. Ngeke ke ulokhu ukhokha ngephakethe lakho nsuku zonke,” usho kanje. 

Uthe bayafuna ukucacisa ukuthi akukhona ukuthi isigebengu abasingcwabi kodwa umuntu ofe enza ubugebengu abangamngcwabi.

“Uma isigebengu sifa ngokugula siyasingcwaba kodwa uma sifa sizibandakanya ebugebengwini, asisingcwabi uma singaphansi kukamasingcwabisane,” kusho uHlengwa.

Uphinde waveza ukuthi akuyena kuphela umuntu ofa enza ukugebengu, njengoba kukhona nabanye abafa maqede bangabangcwabi.

“Isosha elisuke linomasingcwabisane, uma lifela empini, umasingcwabisane awukhokhi ngoba yilo elisuke likhethe ukuyozibeka engcupheni. Umuntu okusuke sekufanele angenelele lapho uhulumeni, osuke elithumile,” kusho uHlengwa.

Uphinde wenza isibonelo sokuthi nalabo abadlala umdlalo wokungcweka ngenduku, uma kunamadili ezindaweni zasekhaya, abangcwatshelwa uma umuntu efe lapho.

“Kusuke kuwuye ozifake engcupheni ngokudlala umdlalo oyingozi. Kubhaliwe emigomeni nemibandela ukuthi ngeke angcwatshwe,” kusho uHlengwa. 

Uthe imali ebikhokhwa nyanga zonke ngalowo muntu nayo ayibuyi ngoba ubudlelwano besivumelwano busuke bungonakele kuze kuba uyafa.

“Bonakaliswa wuye esezibandakanya ezenzweni ezizodala ukuthi isicelo sokungcwatshwa singaphasi,” usho kanje.

Intatheli imbuza ukuthi eyakhe inkampani yamngcwaba uMnqobi Nzimande, owafa edubulana namaphoyisa njengoba ayeyilungu legenge ehluphayo eNanda, waphendula ngokuthi abasondelene naye bashaya ephaketheni ukuze angcwatshwe. 

“Uma umndeni uthi uzokhokha ukheshi, siyawungcwabela,” kusho uHlengwa othe basazoqhubeka nokufundisa abantu ngokubaluleka kokufundisisa imigomo nemibandela ukuze bagcine beyiqondisisa ngokugcwele.