Izindaba

Ubuyela enkantolo umdonsiswano wokushicilelwa kweka-matric emaphephandabeni

Mhlengi Shangase|Published

UBUYELA enkantolo umdonsiswano wokushicilelwa kwemiphumela ka-matric emaphephandabeni

Image: SIGCINIWE

UBUKEKA usekude ukuphela umdonsiswano wokulwa nokushicilelwa kwemiphumela ka-matric emaphephandabeni njengoba i-Information Regulator (IR), iphikisana nesinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli, sokuchitha isicelo sayo sokuthi ingashicilelwa le miphumela emaphephandabeni ngonyaka ozayo.

Le nkantolo yavuna uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo, yawugunyaza ukuthi uqhubeke 'nesiko' lokushicilela le miphumela emaphephandabeni njengoba kuhlale kwenzeka phambilini.

Manje i-IR imile ekutheni ayihambisani nokuthi le miphumela ishicilelwe ngoba kuphambana nomthetho othinta imininingwane yabantu.

UNksz Nomzamo Zondi, okhulumela i-IR, uthe babuyele enkantolo enkulu yasePitoli, befuna ukuthi ibuyekeze isinqumo sayo mayelana nalolu daba.

"Sisalinde ukuthi ivume noma isichithe ekutheni kubuyekezwe lesi sinqumo sayo ngaphambi kokuba sidlulele eNkantolo yezokuDluliswa kwamaCala kuleli," usho kanje eshaya ngamafuphi.

Le nkantolo igunyaze ukuthi umnyango uqhubeke nokukhipha imiphumela yaka-matric ngohlelo olujwayelekile, okulindeleke ukuthi idedelwe ngoJanuwari 13, 2026.

Ijaji Mark Morgan, likhipha isinqumo esivuna umnyango, lathi ukushicilelwa kwemiphumela emaphephandabeni, akuphazamisi izinto ezithinta ulwazi lo mfundi. 

Umnyango nezinhlangano zomphakathi zimile ekutheni kubalulekile ukuthi le miphumela ishicilelwe emaphephandabeni ukuze abafundi bayithole kanye kanye.

Okunye okwavezwa ngukuthi abanye abafundi basuke bengekho ezifundazweni zabo, ngakho ngeke bakwazi ukulanda imiphumela yabo ngosuku ekhishwa ngalo.

UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, uyomemezela imiphumela ka-matric, emcimbini ozoba ngoJanuwari 12, 2026.

Kulo mcimbi kusuke kumenyezelwa izinga lokuphasa, abafundi abadabule ngamalengiso kanjalo nokuthi izifunda zenze kanjani. Kuphinde kumenyezelwe nokuthi mangaki ama-Bachelor atholwe ngabafundi. Iminyango yezifundazwe ijwayele ukwenza imicimbi yokumemezela imiphumela ngakusasa, ngemuva komcimbi kazwelonke.

I-IR ifuna abafundi balande imiphumela yabo ezikoleni njengoba kwenzeka kwamanye amabanga, njengoba ingashicilelwa emaphephandabeni.

Nanyakenye i-IR ikhale ngaphansi enkantolo eyavuna umnyango ukuthi uqhubeke nokushicilela imiphumela emaphephandabeni. Nakulo nyaka sizobhekwa ngabomvu ukuthi isinqumo kulolu daba sizothini njengoba usubuyela enkantolo lo mdonsiswano.