Izindaba

Ubonge impilo ethatha umhlalaphansi umasiteshi waKwaMashu

Zimbili Vilakazi|Published

U-BRIGADIER Richard Zakhele Nzama (60) usezibeke phansi izintambo ebuphoyiseni, kulandela ukuyibamba iminyaka engu-38

Image: SITHUNYELWE

UJATSHULISWA ukuthi kuze kwafika isikhathi sokuthi athathe umhlalaphansi esadla anhlamvana umasiteshi waKwaMashu, obevaleliswa ehhotela i-Octavia, eNanda, ngeSonto. 

UBrigadier Richard Zakhele Nzama (60) usezibeke phansi izintambo emaphoyiseni, kulandela ukuyibamba iminyaka engu-38. 

Ekhuluma neSolezwe, uthe uzibala namaphoyisa anenhlanhla, eficwa yisikhathi sempesheni esaphila.

“Abaningi ozakwethu ebengibazi, ngibajwayele behlelwa umshophi wokubulawa besemsebenzini. Ngithe uma ngibuka ubude bendlela, ngificwa yilesi sikhathi ngisaphila, ngazizwa ngifikelwa ukubonga,” kusho uNzama. 

Uthe amaphoyisa abhekene nengwadla yokuthi ngesikhathi enza konke okusemandleni ukuqapha ubugebengu, nezigebengu ziphuma inqina, ziwasoconge, wathi eminyakeni ayisebenzile emaphoyiseni kusuka ejoyina umbutho ngo-1988, ufunde ukuthi ukukwazi ukusebenzisana nabantu, inhlonipho nokuthobeka kuyamsebenzela umnikazi.

“Ngisebenzise khona kakhulu ngo-2006 ngesikhathi ngiyoba umasiteshi KwaDabeka. Leya ndawo yayinenkinga enkulu yezepolitiki. Owayephethe ngaphambi kwami akahlalanga kahle ngenxa yayo ipolitiki, kwaphoqa ukuthi ahambe. Mina ngakwazi ukuthi ngihlale iminyaka embalwa ngaphambi kokuthi ngiyojoyina esaKwaMashu ngo-2011,” usho kanje.

Uthe ngalezi zinto zontathu ubefika esiteshini endaweni akwazi ukusebenzisana nozakwabo kanjalo nomphakathi ukulwa eyobugebengu.

“Lokhu ngifike ngakwenza ngisho nakhona KwaMashu. Ayikho indawo ebinzima ukuyisebenza njengehostela kodwa ngakwazi ukuthi kulunge ngokubambisana nozakwethu ebengibahola, salenza langcono ihostela,” kusho uNzama.

Uthe wayevele asondeze eduze izinduna zama-block, amakhosi endawo nalawo alapho okuvela khona abahlali, kwaba yiqhinga elisebenzayo.

“UMashu wonkana, awusemubi ngale ndlela obumubi ngayo phambilini,” usho kanje.

Ephawula ngeyokujoyina umbutho, uthe yayikade ingekho ezinhlelweni zakhe, njengoba yena ayezifunela ukuba wummeli.

“Ngajikwa umqondo omunye umngani wami, wathi asingene emaphoyiseni. Into ebuhlungu eyenzeka ukuthi sazifaka sobabili izicelo, ngathathwa mina, yena wangathathwa. Kwabe ngingene kanjalo-ke emaphoyiseni,” kukhumbula uNzama. 

Uthe njengoba esethathe impesheni, akanazinhloso zokungena kwezamabhizinisi.

“Lesi kuzoba yisikhathi sami nomndeni wami. Ngisebenze iminyaka ngibancisha isikhathi sokuthi basichithe nami. Njengamanje sengizobheka bona ke ngithole isikhathi sokuhlala nabazukulu, ngibahambise nasesikoleni,” kusho uNzama.

Umcimbi wakhe ubuhanjelwe woSimphiwe Majozi (Sbu) noMasoja Msiza (Nkunzi) boZalo, Dladla Mshunqisi noBabo Ngcobo.

Bekukhona neNkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo, neyakwesaKwaBiyela eMpangeni.