Izindaba

Indida ngonyamalale ngendlela engaqondakali esanda kudutshulwa

Zimbili Vilakazi|Published

UMNUZ THABANI LINDA

Image: SITHUNYELWE

UBUSAMANGAZWE eyokuhlaselwa kwakhe ngumuntu ongaziwa, ogasele ekhaya maqede wamdubula ngasekupheleni kukaNovemba, umndeni wowesilisa waseLinda Area, KwaNdengezi, oduke ngendlela engaqondakali ekuqaleni kukaDisemba. 

UMnu Thabani Linda (40) kuthiwa wagcinwa ukubonwa wumndeni wakhe ngoDisemba 1, ephuma ehamba ekhaya samuntu ozobuye abuye.

Isihlobo esicele ukungadalulwa, sithe uLinda unyamalala nje, ubesanda kudutshulwa umuntu ongaziwa.

"Ulahleka ngoDisemba 1 nje, ubekade edutshulwe ngoNovemba 26, njengoba kwafika umuntu ongaziwa ngabo-7.30 ebusuku, wamdubulela egcekeni," kusho isihlobo.

Sithe nhlanhla leyo uLinda akazange ashone kodwa waphuthunyiswa esibhedlela lapho athola khona usizo lwezempilo maqede wadedelwa emva kwezinsuku ezimbili, sathi ngesikhathi ephuma ehamba ekhaya, kwakukhona esinye isihlobo egcekeni.

"Sithi waphuma nje wahamba njengenjwayelo njengoba ewumuntu wesilisa. Kwacatshangwa ukuthi uzobuya kodwa kwaze kwalalwa engabuyile, kwasa ngakusasa, lutho," sisho kanje.

Sithe ubengasebenzi, ebamba amatoho uma ethuke aqhamuka, sathi ubekhonzile ukuziphuzela.

"Ocingweni akatholakali, asazi ukuthi kwenzekani. Sithukile futhi sididekile, ikakhulukazi ngoba lokhu kwenzeke kungakapheli sikhathi esingakanani edutshuliwe," kusho isihlobo.

Siveze ukuthi bekungakaze kube khona akuphefumulayo kubona ngokuthi uyazi yini ukuthi ubani lo obemfuna efile, sathi abanaso isiqiniseko sokuthi kukhona yini ukulahleka komuntu okubhalwe phansi emaphoyiseni aKwaNdengezi.

"Kusukela enyamalele, besilokhu sigqigqa khona kodwa ebeka amathizethize. Kuze kwaba ingoDisemba 16, lapho unina akwaze khona ukubhalisa isitatimende maqede watshelwa ukuthi inombolo yombiko ngomuntu odukile izolandela nge-SMS," kusho isihlobo. 

Sithe kuhambe izinsuku ingafiki le nombolo, unina kalona wesilisa waze wabuyela khona esiteshini samaphoyisa.

"Yilapho ethole khona ngamanye amaphoyisa ukuthi akukho lutho oluvelayo olukhombisa ukuthi ukhona umuntu onegama likalona wesilisa odukile oseke wabikwa esiteshini," kusho isihlobo, esithe nayizolo unina uphindele emaphoyiseni ukuyobheka, wathola ukuthi akukaveli lutho ngendodana yakhe.

Abangaba nolwazi ngodukile bacelwa ukuba bathinte amaphoyisa aseduzane.